11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 05 December 2025
Iyabalisa inhliziyo yami ngawe bhebi...
MaKhuboni mina angikathathi ntomb'enhle. Uma ngingathola isiphalaphala esinguwena kungaqhakaza emagcekeni akwethu.
Namuhla siphethe ugojasi waseThekwini, kwelikabhanana uThandeka Khuboni. Le ntokazi iyimodeli ngaphansi kweBoss Models kanti futhi
iyi-content creator.
Nkosazana ngingaphuma umkhaba uma ngingasondelana nobuhle obunje, unguphumalanga sikothe uqobo lwakhe. Iyabalisa kodwa inhliziyo yami ngawe bhebi.