10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 05 December 2025
01
ABANTU baseMzansi ngiyabazi bayazithanda izinto, ikakhulukazi uma kuza emalebulini amba eqolo.
Kunalesi sikhwama sakudala abanye abasibiza ngoNxangisuka, uKhonzekhaya noma iGoduka, uMzala abone abeLouis Vuitton sebevele basenza esabo ngokubhaxeka igama.
He..he..he! Phela lesi sikhwama (esingezansi esithombeni), thina sisazi kuyisikhwanyana nje esingatheni, sokulayisha impahla yakho uma unemithwalo eminingi, ufuna yanele kahle yonke phakathi uma uhamba.
Kodwa-ke le nto iyasitshengisa ukuthi silele kangakanani singama-Afrika.
Sizophuphutheka-ke nathi, siyothenga lesi sikhwama ngoba sekubhalwe igama elaziwayo kwezemfashini kade sisiyekile siphambi kwethu.
Kulungile-ke uMzala akanilawuli ubemane esika nje elijikayo.
02
KANTI nakosaziwayo kuyenzeka kanti ukuthi kukhethwe iphela emasini?
UMzala umangele ebona isikhalo sikaBetusile Mcinga (osesithombeni esingenhla), ekhala ngokuthi kade ayefaka isicelo soxhaso kwiNational Arts Council, kodwa akalutholi.
Uthi esakhe isicelo sishaywa indiva, kepha kunemicimbi ehlale ixhaswa.
Betusile mnta kababa, impilo injalo nje.
Awucabange uma kungaxhaswa nina naziwa, ukuthi kumuntu ongaziwa kunzima kanjani ukuthola uxhaso lokwenza umcimbi?
Akuqali ngawe ndoda yamadoda. Abanye sebaze baphela amandla okufaka kwazicelo.
Uhulumeni unezimfivilithi zakhe, akuthina sonke esothola iqatha kuyena.
03
NGUDJ Zinhle egqoke imikhiqizo ye-brand yakhe, i-Era.
KODWA nidlalelani ngepharishi likaDJ Zinhle, ezizamela?
Le ntokazi ithi nihamba niyothenga umbombayi wamacici ayo akwa-ERA, bese nifuna ukuyokwenza i-content esitolo sayo.
Nikwenzelani lokho? Okay, asiqaleni lana, niwugqoka kanjani umbombayi wento eyenziwe eSouth Afrika?
Phela kuyaxoleleka uma kungamalebuli lawa aphesheya. Hhayi aninamahloni bahlali!