09 | Izindaba

Friday, 05 December 2025

Kulobe: uPhumlani Gama 

Izindaba

 Kuxwayiswe abaxhaphaza izimoto zomkhandlu

Kuthengwe amaloli azohambisa amanzi emphakathini, kusalungiswa inkinga yamanzi eMkhanyakude

IYALE abashayeli bamaloli ukuba bagweme ukusebenzisa budlabha izimoto zomkhandlu iMeya yaseMkhanyakude, uMnu Sphile Mdaka. UMdaka uthe bazoqondiswa ubugwegwe abashayeli abazotholakala begila imikhuba ngezimoto zomkhandlu.

Usho lokhu eMange, oBonjeni ngesikhathi kubanjwe umcimbi wokunikezelwa ngokusemthethweni kwamaloli ahambisa amanzi emiphakathini.

Image

UMdaka ubehambisana neziphathimandla zalo mkhandlu, okubalwa kuzona isekela lakhe uMnu Simosakhe Mthembu, uMnu Petros Madlopha ongusomlomo walo mkhandlu, uDkt Siyabonga Ntuli oyibamba lemenenja kulo mkhandlu, iMeya yaseJozini uMnu Nkosinathi Myeni, nezinye iziphathimandla zemikhakha eyahlukene.

Lo mkhandlu ungunina womasipala abane okungowaseMtubatuba, iBig 5 Hlabisa, owaseJozini  nowaKwaMhlabuyalingana. IsiFunda uMkhanyakude sibalwa nezihamba phambili ngenkinga yokusweleka  kwamanzi ezindaweni ezahlukene.

Image

Omile yiMeya yaseMkhanyakude uMnu Sphile Mdaka.

Lo mkhandlu uthenge amaloli amasha ayisihlanu ukuhambisa amanzi. Uthe lamaloli afakwe ubuchwepheshe obuningi, okubalwa kubona iziqopha-mkhondo (tracker), amakhamera nokunye okuningi.

"Lezi zimoto ezithengiwe zizoba yisixazululo sesikhashana. Sinazo izinhlelo zokuyixazulula inkinga yamanzi. Okwamanje sizocela wona umphakathi ukuba usinike ithuba, sibhekane kahle nenkinga yokungabikho kwamanzi.

"Siwumkhandlu kasisafuni ukuthi siphinde siqashe izimoto ngaphandle. Zifakwe ubuchwepheshe obuningi kakhulu. Bonke laba abephula imithetho, abanye abathatha izimoto bahambise ngazo amanzi ezihlotsheni nasemakhweni abo, bazobhekana nengalo yomthetho.

"Nalabo abawathengisayo kuzoba lula ukubhekana nabo," kusho uMdaka.
Ingxenye yamalungu omphakathi izwakalise ukubuyelwa yithemba ngokwethulwa kwalezi zimoto.

phumlani@ilanganews.co.za