08  | Izindaba

Friday, 05 December 2025

Ezikaqedisizungu

Kulobe: uThandi Zondi

Image

NguKhaya Ngema ozoba nomcimbi wamahlaya eBat Centre.

Usomahlaya uthembisa amahlaya amnandi namasha emcimbini wakhe

USOMAHLAYA uKhaya Ngema uthi uzokwenza kube lula kubathandi bamahlaya ukuhambela umcimbi wakhe wamahlaya othi,  "uJesu Ngeke Abuye", ozoba seBat Centre, eThekwini mhla ka-15 Disemba.

"Iningi lithi liyawathanda amahlaya, kepha liba nenkinga ngezinto zokuhamba (transport), ngoba ajwayele ukuqala ebusuku.

"Kulokhu sithe ake senze okwehlukile okuzokwenza abantu bakhululeke. Kuthi ophuma enkonzweni akwazi ukuza naye azopholisa ikhanda nathi. Kube iSunday Chillers emnandi kithina sonke" esho.

Image

Ebuzwa ngesihloko somcimbi wakhe uthi, ngomhla ka-21 Septhemba kuke kwaduma into ethi kuzobamnyama ezweni, kanti kuzovele ku-trende ihlaya lakhe alenza ngesikhathi engenele umncintiswano wamahlaya obizwa ngeSo You Think You are Funny kuSABC 1.

"Nami ngabona ngehlaya lami selitrenda, elalithi uJesu ngeke abuye, ngoba kwakunezinkulumo eziningi 'ngesiphrofetho' sokuthi kuzoba mnyama ezweni," kuchaza uKhaya.

Uthi abantu bangalindela amahlaya amasha njengoba ezobe eshintshisana ngenkundla noHallo M, oke wanqoba kumaSatma emunxeni weBest Comedian, noMaster owaziwa kakhulu kwi-99% Zulu Comedy, eyayihlelwa nguMonwabisi Grootboom.

Image

UKhaya Ngema  waziwa kakhulu ngemidlalo yeshashalazi esuselwa ezincwadini zakwaGrade 12, ukusiza abafundi bakhumbule kangcono.

Uphinde abe ngumlingisi, kanti useke wabonakala emidlalweni yakumabonakude okubalwa kuyo uZalo, iLuthando, iNguye Lo neminye.

Amathikithi atholakala e-webtickets ngo-R100, kanti ayatholakala nasemnyango khona eBat Centre.

Ngemibuzo ungafona kule nombolo ethi : 083 4757 032