06 | Izindaba

Friday, 05 December 2025

OwoZalo nomkhankaso wokukhuliswa kwabafana

UMsiza uthi iningi labalimaza abanye, nalo lisuke lilimele

Image

KWESOBUNXELE nguMfiliseni Magubane ongumculi kamaskandi, noMasoja Msiza ongumlingisi, abangamaciko asemkhankasweni wokukhulisa amajongo.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA

Phumlani Gama

UNEPHUPHO lokuba ufinyelele nasemazweni angomakhelwane beNingizimu Afrika, umkhankaso wakhe wokulwisana nokwanda kwezigameko ezingalungile uMasoja Msiza, ongumlingisi odlala indawo kaNkunzi emdlalweni wakumabonakude Uzalo, olukhonjiswa kwiSABC 1, ngo-20h30 njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

UMsiza wethule umkhankaso wakhe abambisene kuwona noMfiliseni Magubane, ongumculi kamaskandi. NgeSonto la maciko ethule umkhankaso wawo eTafuleni, eNanda.

Echaza ngalo mkhankaso oqanjwe ngokuthi yiNew Man Rising, uthe ugxile ekukhulisweni kwabafana. "Siqoke indawo yaseNanda ngoba iningi labantu bakhona lilimele. Kwabona laba abalimaza, abantu balimele.

"Uma sibheka, kuyabokala ukuthi inkinga idalwe wukungakhuliswa kahle kwabantu besilisa.

Image

"Sonke silimele, kodwa iningi lamadoda, kwedlulele. Lapha eNanda uhamba ibanga elifushane uhlangane nendoda ihamba ikhuluma yodwa. Lokhu kukutshela ukuthi lo muntu uyaludinga usizo.

"Ngalo mkhankaso esiwethulayo, sizohambela izindawo eziningi, sicele amadoda nabafana basondele ukuze sizoxoxa ngezinkinga ezibathintayo.

"Okunye okuzokwenzeka, kuzoba nohlelo olwenzeka bukhoma lapho abahlukumezekile bezobe bezikhulumela, baphinde bathole usizo bukhoma.

"Mina nobaba uMagubane singabantu abadumile, abaziwayo. Sinabanye ozakwethu, kufanele siqhube imikhankaso yokukhuza okubi.

"Sibone ukuthi udumo lwethu masilusebenzisele ukwakha isizwe ngoba mina nje, uma ngingabonakala ngiphethe ibhodlela lotshwala benkampani ethile, baningi abangabuthenga ubuthaphuthaphu lobo tshwala," esho.

Nasezindaweni zasemakhaya bazowethula lo mkhankaso ezizweni zamakhosi

"Ezindaweni zasemakhaya, sizofika sizokhuleka emakhosini nezinduna, sicele ukuhlanganiswa namadoda endawo, ikhulunywe le ndaba.

"Amadoda amaningi ayaludinga usizo. Ezindaweni eziningi kwesatshwa izingane ezincane.

"Umbuzo okhona ngowokuthi, le ngane yomfana esiphenduke isilwane, uphi uyise?
Uma engekho, baphi oninalume," kuphetha uMagubane.