22 | Ezemidlalo

Friday, 04 September 2026

ISaru iqinisekisa eyokuvalwa kombukiso wamabhanoyi


ISharks isiqalile ukuvivela i-URC

Image

Nhlanhla Hudla

INHLANGANO eyengamele umbhoxo eNingizimu Afrika, iSouth African Rugby Union (Saru), isiqinisekisile ukuthi ngeke usaba khona umbukiso wamabhanoyi andizela phezu kwenkundla emidlalweni yayo emikhulu.

Kube nesikhulu isililo emhlabeni jikelele ngeledlule, kubonakala amabhanoyi amabili endizela phezu kwenkundla eCape Town, lapho bekubhekene khona AmaBhokobhoko neNew Zealand, koweGreatest Rivalry.

La mazwe azophinde abhekane kowona lo mqhudelwano ngoMgqibelo ngo-17h10 e-FNB Stadium, eGoli.

Womabili la maqembu azoya kulo mdlalo ngethemba lokuzibeka ethubeni lokunqoba lolu chungechunge lwemidlalo kwazise izosongwa e-USA ngempelasonto ezayo.

Image

NGU-KOBUS Reinach wamaBhokobhoko (okhahlela ibhola), ngesikhathi leli qembu libhekene neNew Zealand.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

*Khonamanjalo iSharks seyikhiphe uhlu lwemidlalo yokuzicijela i-United Rugby Championship, ezoqala mhla ka-25 kuSeptember.

Izobhekana ne-Eagles namuhla ngoLwesihlanu ngaphambi kokuvakashela iLions eGoli, ngomhla ka-11.

Izovula eye-URC ngokubhekana ne-Ospreys yaseWales, mhla ka-26 kuSeptember, eThekwini.

Sekuwumlando ukuthi nyakenye kayingenanga ngisho emaqenjini awu-8, agijima eyomkhumulajezi.