19 | Ezemidlalo
Friday, 04 September 2026
NGU-SCOTT McTominay (oguqile).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
KULINDELEKE ukuba ahlale amasonto abalelwa kwawu-5 engabonakali enkundleni umdlali wasesiswini weNapoli yase-Italy, uScott McTominay (29), waseScotland, njengoba kuvela ukuthi uzoyohlinzwa ngenhloso yokulawula isimo sokushaya kwenhliziyo.
Lo mdlali kwatholakala ukuthi une-begnin arrhythmia - okuyisimo sokushaya kwenhliziyo okungajwayelekile, kodwa okungatheni.
Lo mdlali oke wagijima kwiManchester United yase-England, kuvela ukuthi kula masonto ambalwa edlule uke waba senkingeni njengoba inhliziyo yakhe ishaya ngendlela engafani, okuyinto okuthiwa ivele imethuse futhi imphazamise.
INapoli ikhiphe isitatimende iveza ukuthi lo mdlali uzoyohlinzwa.
"UMcTominay ube nenkinga njengoba inhliziyo yakhe ishaya ngamandla kwesinye isikhathi ivele ishaye ngolonwabu.
"Ezinsukwini ezimbalwa kusuka manje, sinqume ukuba ayohlinzwa.
Ngenxa yokuthi akuyona into enkulu kangako, uzosheshe abuyele ensimini,'' kusho lesi sitatimende.
INapoli izodlala nezimbangi zayo ezinkulu i-Inter Milan kowe-Serie A ngoMgqibelo ngo-18h00.
UMcTominay uzobe engekho.
Imidlalo ye-English Premiership isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Ipswich Town vs Liverpool 21h00.
NGOMGQIBELO
Newcastle vs Bournemouth 13h30.
Brentford vs Sunderland 16h00.
Brighton vs Leeds United 16h00.
Fulham vs Crystal Palace 16h00.
Manchester City vs Coventry City 16h00.
Nottingham Forest vs Tottenham Hotspur 16h00.
Hull City vs Aston Villa 18h30.
NGESONTO
Everton vs Manchester United 15h00.
Arsenal vs Chelsea 17h30.
EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Real Betis vs Real Madrid 21h00.
NGOMGQIBELO
Athletic Club vs Atletico Madrid 16h15.
Rayo Vallecano vs Racing de Santander 18h30.
Villarreal vs Deportivo de La Coruña 21h00.
NGESONTO
Valencia vs Barcelona 16h15.
Deportivo Alaves vs Osasuna 18h30.
Málaga vs Levante 18h30.
Espanyol vs Sevilla 21h00.
Eye-Italy Seria A
NGOLWESIHLANU
Genoa vs Como 20h45.
NGOMGQIBELO
Fiorentina vs Torino 15h00.
Inter Milan vs Napoli 18h00.
AS Roma vs Atalanta 20h45.
NGESONTO
Frosinone vs Venezia 15h00.
Parma vs Monza 15h00.
Bologna vs Sassuolo 18h00.
Juventus vs AC Milan 20h45.
EyeFrench Ligue 1:
NGOLWESIHLANU
Olympique Lyonnais vs Auxerre 19h00.
Paris Saint-Germain vs Monaco 21h05.
NGOMGQIBELO
Lens vs Lorient 17h15.
Le Havre vs Brest 20h45.
Nice vs Le Mans 20h45.
NGESONTO
Troyes vs Strasbourg 15h00.
Angers vs Rennes 17h15.
Marseille vs Paris 20h45.