13 | Izindaba
Friday, 04 September 2026
Umbhalo: nguZandile Tembe
Ezezimoto...
Iyimpendulo kulabo abathanda amaveni
KAYIGCINI ngokubukeka okuhlukile, yenza ezibukwayo ebuchwephesheni obungajwayelekile emavenini iChangan Hunter K50 REEV. Inesithunzi, inkulu, yakheke ngendlela e-futuristic, inengaphambili elingazibeki.
I-Changan Hunter K50 REEV ibukeka izobhincisela nxanye amanye amaveni angama-double-cab nathandwayo ngenxa yesitayela eza naso. Okuzokuthatha kakhulu ngayo wukungabi namsindo njengoba ihamba ngogesi
I-Hunter K50 REEV ibonakala ifuna ukuveza uguquko oluza nemikhiqizo yezimoto zekusasa. Okunye engikuqaphelile ngayo wukuthi iyangena kunoma yiluphi uhlobo lohambo, njengolomndeni lwangempelasonto, yizindlela zansukuzonke, uhambo lwasezintabeni nasobhuqwini.
Uma uyibuka ngaphambili, ngeke usho ukuthi iyiveni, kanti nalapho usungena ngaphakathi inesitayela ongeke wasilindela evenini.
Uma uyishayela inendlela esabela ngayo, ikakhulukazi lapho uyinyathela uthola obungakulindele. Ngingacishe ngivumelane nabo lapho bethi inamandla awu-200 wamakhilowathi (kW) kanti idonsa ngo-470 Nm, okwenza iHunter K50 REEV isabele eduze, okungajwalekile emotweni enkulu njengayo.
Uma livula i-robot, ayikuchitheli isikhathi lapho uyinyathela, okwenza ikunike umuzwa wemoto encane noma-iSUV, okuyilapho uwuzwa khona umehluko olethwa wukuhamba kwayo ngogesi.
I-Hunter K50 REEV iyimpendulo kulabo abathanda iveni ngezizathu zokuphakama kwayo nokuthi iyi-double-cab. Yona-ke ikunika okuthe xaxa; isizotha, ukwakheka obulithathayo iso, kanti nengaphakathi layo lisemgangathweni.
Ikhwalithi yekhamera yayo ewu-540-degree ayigcini nje ngokukuvezela wonke amacala emoto, kodwa ize ikukhombise nangaphezu kwemoto njengoba inophahla lwengilazi.
Ikusiza kakhulu lekhamera njengoba yenza kube lula lapho upaka.
Izinsizakushayela (Driver Assist) nazo zikwenzela izinto zibe lula, njengoba inoxhaxha lwezinhlaka ezikusizayo emgwaqweni.
Ingaphakathi layo linezihlalo zesikhumba, kanti inobhazabhaza we-screen esiwu-12.3-inch, esibenzisana ne-Apple CarPlay ne-Android Auto. Kunendawo yokushaja ngaphandle kwekhebuli, ine-Wifi eyakhelwe kuyo.
Abakwa-Changan babonakala belwenzile ucwaningo lwabo ngokuthandwa ngabashayeli baseNingizimu Afrika, okuwukuthi ukuba nemoto nakuba kunesidingo, kodwa intokomalo nokunethezeka kuhamba phambili nakho.
Iphakame ngo-220 mm, kanti uthola izindlela ezahlukene zokushayela ezihambisana nemoto eyiveni lapho isezindaweni ezingaphandle kwetiyela.
Imelana kangcono namajika, i-Active Yaw Control, iwuhlelo olukusiza lapho uqala umqansa noma wehla iHill Start Assist neHill Descent Assist, okusho ukuthi iHunter ayithembele nje ekubukekeni kwayo kodwa ithukuse induku emqubeni.
Ngemuva ithwala 1,000 kg kanti ingadonsa isisindo esifika ku-2,200 kg, okubalulekile kwiveni okudlula ubukhazikhazi nobulivilivi.
Nakuba ngingalitholanga ithuba lokushayela isikhathi nebanga elide ukuze ngikubone lokhu, abakwa-Changan bathi ngokohlelo lweREEV ingahamba amakhilomitha awu-1,000, okuhlanganisa amakhilowathi awu-31.2 ebhethri namalitha awu-2.0 e-turbo kaphethiloli eyandisa ibanga.
Inani layo liwu-R799,900 neminyaka emihlanu no-150 000 wamakhilomitha ewaranti neminyaka emihlanu noma amakhilomitha awu-90,000 e-maintenance plan.
Njengoba sihlezi sibika ngezimoto ezintsha ezibonakala zingena mawala, amandla nobuhle bazo sizobubona ngokuhamba kwesikhathi.