10 | Izindaba

Friday, 04  September 2026

 Woza Nazo Mzala!

Image

Udinga umuntu ozomeluleka uDuduzile

KUKHONA isikhathi la kudingeka khona umndeni ukuhlalise phansi ukuyale njengengane, lento idingeka yenziwe kuDuduzile Zuma-Sambudla.

Ngeke phela nkosazane, uyazi uMzala ubekwazi ukubekezelela ukudunyelwa kwakho, ulokhu umoyizela lapho ubuzwa imibuzo ngabezindaba enkantolo.

Muva nje ngibonile ukuthi udunyelwa ngempela ngesikhathi uqopha i-video ugqoke ibhayi le-ANC.

Akuwena yini zolo lokhu obumpongoloza ngeqembu likayihlo iMKP? Sekushintshephi manje? Phuma kwipolitiki, izosiqeda nya lesithunzi sakho esincane osele naso.


Image

Iphila kowayo umhlaba yodwa le ntokazi yakwaRanaka

UMZALA uyafisa ukungena ekhanda likaDineo Ranaka, abuke nje indlela acabanga ngayo. Le nkosazana ezikhulumelayo futhi engasabi muntu, yathi ingenwe ngabadala yaya kothwasa, yaba yisangoma.

Gwiqiqi isingena emanzini ibhabhadiswa esontweni, isisindisiwe futhi isikhethe iNkosi. Kulungile mta kaRanaka, akukho okubi phela ngalokho, kahle-hle kuhle okwenzile.

Kodwa into ekhathaza uMzala yilento yokuba ngothathekile nozakwenu emkhakheni wezikaqedisizungu.

Phela akusiwe wedwa obuya ekubeni yisangoma. UGigi Lamayne, uThabiso Mokhethi, uPalesa Madisakwane noGogo Skhotheni nabo bashiya phansi.

UMzala akanigxeki ngokukhetha inkolo ehambelana nani, kodwa ukhala ngokuphapha kwenu nokuba wothathekile.


Image

Buyambhayizisa utshwala uQuality Biyela

KWABAJWAYELENE noQuality Biyela, kuzomele bamkhuze abuyeke utshwala ngoba buyambhayizisa.

UMzala uthukile nje embona elwa nezigora emcimbini kamaskandi iMpucuzeko ngempelasonto edlule. Angazi noma ufuna ukukhunjuzwa ukuthi umuntu ongaziphathi kahle wenziwa njani. Uma usukhohliwe, wobuza kuKhuzani "Indlamlenze "Mpungose.

UMzala ukukhonze kabi njengoba ugqamisa inhlanzeko. Buyeke mfana noma ubuthele amanzi.


Image

 Ukuphupha kuqala 
kancane weMthandeni Manqele

NGAZE ngamthemba uMthandeni SK Manqele, kodwa into uMzala ayibone eyenza embhikishweni obuseGoli, imenze wasala nemibuzo.

Wenze kahle impela Duyaza wagqisha nezinsizwa, kodwa into edida uMzala wukuthi uthule wathini ubona umuntu omdala ebeka impilo yakhe engcupheni.

UMzala wazi ukuthi izibhamu azivumelekile
emibhikishweni, kodwa umangele ebona indoda endala yenza into engenziwa ngisho yizingane.

Anokhuzana madoda, ningayisani eweni.