06  | izindaba

Friday, 04 September  2026

Kunamabhasi okuthiwa kawasebenzanga...

Unenge abaningi umkhuba wokuthelana ngamanzi


Kuthiwa kakuphethanga kakhle njengoba kubikwa ukuthi kunabalimele ...
Image

EZINYE zezithombe zabantu ababethelwa ngamanzi, bengenze lutho.

Thandi Zondi

BAZWAKALISE ukunengeka abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwama-video, akhombisa izingane eTshwane zibhunyela ngamanzi abantu abadlulayo, ngoba zijabulela ukungena kwentwasahlobo ngomhla ka 1 September.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bebekhala ngokungahlonishwa yintsha ebiyenza lo mkhuba. Kula ma-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala izingane esezikhulile nezincane, zithela abahamba emgwaqweni ngamabhakede agcwele amanzi.

Okuqaphelekayo wukuthi kunemigqomo emikhulu kadoti egcwaliswe ngamanzi okukhiwa kuyona ukuze kuthelwe abantu abadlulayo. Kokunye abadlala lo mdlalo bebebonakala bemisa izimoto, bethela abaphakathi ngamanzi, kungakhathalekile ukuthi yimoto encane noma ethutha umphakathi.

NgoLwesithathu iTshwane Bus Service, ikhiphe isimemezelo esithi amabhasi amabili ashiyeke engasasebenzi ngenxa yokuthelwa ngamanzi,
okudale ukuthi inqwaba yabantu isale dengwane, okubalwa nezingane zesikole.

Kuvele izingane zingunge ibhasi ziyiqulela ngamanzi, ezinye zigida phezu kwayo, kujatshulelwa ukungena kwentwasahlobo, enye ibinamawindi aphahlakile.

Ezinkundleni zokuxhumana kukhalwe ngendelelo yabenza lo mdlalo, kwathiwa umasipala kumele uvale amanzi njalo mhla ka-1 September ngoba lo mkhuba wenzeka minyaka yonke.

Lo mkhuba kawuphethanga kahle, kugcine kunemibiko yababili abalimele, oyedwa kuthiwa ugwazwe ngowesilisa obethukutheliswe wukuthelwa ngamanzi. Omunye washayiswa yimoto ebihamba ngesivinini esiphezulu ngoba igwema ukuthelwa ngamanzi.