04 | Izindaba
Friday, 04 September 2026
Lo mdlalo kube ngowokugcina oqoshwe nguConnie...
Kule sizini kubhekwe ukuthi uqhubeke nokushuba umbango wokuqhuba amabhizinisi akwaNdlovu...
Yingxenye yabalingisi beBlood Legacy okunguMike Ndlangamandla, uXolile Tshabalala noBuyile Mdladla.
Lucky Cain
SIVALWE ngenye inkakha yezokulingisa isikhala sikaConnie Chiume emdlalweni okhuza ibuya kwiNetflix, iBlood Legacy, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa ngomhla ka-25 kwephezulu.
UThembi Nyandeni nguyena ozovala isikhala sikaConnie kulo mdlalo obe nedumela kulesi siteshi sikamabonakude ngesikhathi kukhonjiswa isizini yokuqala yawo.
NguConnie Chiume ongasekho nozovala isikhala sakhe kwiBlood Legacy, uThembi Nyandeni.
I-Blood Legacy ibe wumdlalo wokugcina oqoshwe nguConnie ngaphambi kokuba adlule emhlabeni ngonyaka owedlule. UThembi uzovala lesi sikhala ngokudlala indawo kaMaDlamini Ndlovu, okuyiyona ebilingiswa uConnie.
Kulindeleke ukuba lo mdlalo osuselwa kowaseMexico, iMonarca uphinde ube nedumela njengoba kwenzeka ngesizini yokuqala lapho ababukeli bakhombisa ukuwuthakasela.
Kule sizini kubhekwe ukuthi uqhubeke nokushuba umbango wokuqhuba amabhizinisi akwaNdlovu, nokuqinisekisa ukuthi ifagugu liyaqhubeka. Lo mdlalo ugabe ngabalingisi okubalwa kubo uXolile Tshabalala, uBuyile Mdladla, u-Enhle Mbali Mlotshwa, uMike Ndlangamandla, uNandipha Khubone, uPallance Dladla, uDawn Thandeka King, uMduduzi Mabaso nabanye abaningi.
NguDawn Thandeka King, ongomunye wabalingisi beBlood Legacy.
IBlood Legacy ibuya ngesikhathi lapho imidlalo yeNetflix ikhombisa ukuba nedumela kubabukeli, kwazise kusanda kuba nomdlalo osuselwa encwadini obizwa ngokuthi iThe Polygamist, noMthetho osuselwa kowaseBrazil.
Le midlalo iliqhakambisile ithalente labalingisi bakuleli njengoba ikhombisa ukuhamba phambili nangokubukelwa nakwamanye amazwe