03 | Izindaba

   Friday, 04 September  2026

Image

NGUSCEBI "iNkosi Yamagcokama" Dlamini ongasekho, okuhlanganiswa ukuba kuqedelwe indlu yakhe eyisitezi, obonakala kulesi sithombe.

UGatsheni unikela ngomholo wakhe weMpucuzeko, ekwakhiweni kwendlu
yeNkosi Yamagcokama


UGatsheni uthi nemali azoyithola emcimbini azowenza ngakubo, nayo uzoyinikelela umndeni walo mculi


Mthobisi Sithole

SESINIKELE ngomholo waso weMpucuzeko Maskandi Festival, isilomo salo mculo wesintu, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, ukuze kuqedelwe ukwakhiwa kwendlu kaScebi "iNkosi Yamagcokama" Dlamini (ongasekho), obedabuka kwaDungamazi, eMachunwini, eMsinga.

Kwenzeka lokhu nje, noKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, wanikela ngowakhe weMpucuzeko.

Image

NGUMCULI kamaskandi uGatsheni, onikele ngomholo wakhe weMpucuzeko, nowomcimbi azowenza ngakubo, uzonikela ngawo ekwakhiweni komuzi kaScebi.

UGatsheni uthe uhlonipha ukusebenzisana kwakhe neNkosi Yamagcokama ngesikhathi isaphila.

Uveze ukuthi njengoba ezokwenza iGatsheni Music Festival, ngomhla ka-3 ku-October, eNcotshane, oPhongolo ngenyanga ezayo, nemali yalo mculo uzoyinikeza iqembu layo iNkosi Yamagcokama.

"Ngesikhathi isaphila iNkosi Yamagcokama besisebenzisana kahle nayo, siphekisana emicimbini ngiya kweyakhe, eza kweyami, singakhokhelani. 

"Kulo nyaka ngizokwenza okwehlukile, ngizoyikhokha imali ukuze abafowethu abasebenza naye, kube khona abakuhlomulayo, nokuzohanjiswa emndenini kuqedelwe isakhiwo somuzi," kusho uGatsheni.


Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi ingoma abayenze neNkosi Yamagcokama ethi, "Singamabhinca" ngaphansi kwe-albhamu yakhe uGatsheni, yiyona ephakamile, wavela ngayo.

"Ngenxa yenoni esilenze ngokuhlanganyela, lathandwa kakhulu, okuyilapho sifukuleke khona sobabili, sagqama endimeni kamaskandi.

"Kungaba yiphutha uma ngikushalazela lokho, ngingabuyiseli emndenini uma sekunenkinga efana nalena eyenzekile, yokushona komfowethu ebesiyibambe naye," kusho uGatsheni.

Image

YIQEMBU elicula noScebi, linandisa kwiMpucuzeko.

Uhlelo lokunikelelwa komuzi weNkosi Yamagcokama, lwesekwe nguNgqongqoshe wezaMasiko nobuCiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula.

Ungqongqoshe uthe naye enganikela ngokuqasha iThe Playhouse Theater, eThekwini bese abaculi behlela ikhonsathi okuzongenwa kuyona ngemali. Uthe le mali iyohanjiswa emndenini weNkosi Yamagcokama.

"Ngingayiqasha indawo ne-band yezinsimbi, bese abaculi benxenxa abalandeli babo ukuze beze, kungenwe ngemali. Lena yindlela yokuqoqa umnikelo kubanjiswane," kusho uKhawula.

Kuboshelwe Ofishibakhulu, uMnyovu, uKhuzani, uJaivazimnike, uNjabulo Langa, uDumakahle, uMdumazi, uMthandeni SK, uMzukulu, uBobo uMfana wePiki, uZanefa Ngidi, uFalabo, uNjoko nabanye.

Amathikithi adayisa ePick n pay, eTickets Pro, eSpar, eShoprite nase-webtickets, ngo-R100.

mthobisis@ilanganews.co.za