02 | Izindaba

Friday, 04 September 2026

Ezifingqiwe


Ngeke andiziswe amabhanoyi ngaphezulu kweFNB Stadium


Image

INKAMPANI yezindiza i-Airlink, ithi isisihoxisile isicelo sayo sokundizela eduze kwenkundla iFNB, ngesikhathi somdlalo wamaBhokobhoko ne-All Blacks yaseNew Zealand, ngoMgqibelo, ozoqala ngo-05h00 ntambama.

Lokhu kulandela umsindo oqubukile ngesikha- thi izindiza zale nkampani, zindizela eduze kwenkundla iCape Town Stadium, ngaphambi kokuqala komdlalo wala maqembu ngempelasonto edlule.

Image

Lo msindo uholele ekutheni iSouth African Civil Aviation Authority (SACAA), iqale uphenyo  ngezinsolo zokubekwa kwempilo yomphakathi engcupheni, njengoba kuthiwa zandizela eduze kakhulu.

I-SACAA ithi isixhumene ne-Airlink, yathola nemininingwane yezindiza. Izokwethula isinqumo neziphakamiso ngemuva kokuphothula uphenyo.


Kushikisha ufudu ngodaba lwasePhala Phala 


INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape, iqale ngoLwesithathu ukulalela izethulo zabameli bakaMengameli uCyril Ramaphosa, njengoba bephonsela inselelo isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, ngodaba lwasePhala Phala.

Bathi ithimba leSection 89, elalilalele udaba lwasePhala Phala, ePhalamende, "laphapha- laza" ngoba lakhononda ngobufakazi obunganele.

Abameli nabashushisi abacindezela uRamaphosa, bathi wayazi ukuthi kuyicala ukuba nemali engamadola aseMelika, enani
lika-580 000 (R10 milion), endlini, ikakhulukazi ifihlwe ngaphansi kombhede.

Imali yantshontshwa epulazini likaRamaphosa, iPhala Phala Game Farm, eBela-Bela, eLimpopo, ngo-February 2020.
Ukuhlala kwesigcawu kuyaqhubeka.


Izinyathelo ezinqala kuKhan, "osebizelwe kaningi" kwiKhomishini kaMadlanga 


Image

I-South African Police Service, iqinisekise ukugqabuka kwegoda phakathi kwayo noJenene uFeroz Khan (osesithombeni esingenhla).

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabakwa-SAPS, uKhan uhlulekile wukuvela ukuyoqondiswa ubugwegwe phambi kwekomidi ebelisungulelwe lokhu.

Sithi ngenxa yalokhu, iSAPS isithathe isinqumo sokumkhomba indlela uKhan. 

UKhan wenza konke okusemandleni ngokusebenzisa abameli ukungaveli phambi kweKhomishini kaMadlanga.

Ngesikhathi kumele avele okokuqala kule khomishini, uthi wadubuleka waphuthunyiswa esibhedlela. Nangesonto eledlule uphinde wangeniswa esibhedlela sekumele ayovela kule khomishini.

Ikhomishini isithembise ukumthathela izinyathelo zomthetho uKhan "ngokudlala umacashelana nayo".


I-IEC ichitha i-ANC kolwezinsolo zobuhixihixi


Image

KUKHONA nabebebhekwe ukuba ngamakha- nsela ngaphansi kwe-ANC, kuMasipala waseMshwathi, kulabo abangakwazanga ukubhalisa ngokusemthe-thweni ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya, oluzoba ngomhla ka-4 kuNovember nonyaka.

NgoLwesithathu ikhomishini yokhetho, imemezele ukuthi ngeke sandiswe isikhathi sokubhalisa, emuva kokuhluleka kwe-ANC ukubhalisa abanye obekumele bayimele kulolu khetho.

Iningi labathintekile ngalesi senzo, kube ngamakhansela akomasipala abahlukene e-Eastern Cape. Kuvele ukuthi KwaZulu-Natal umasipala othintekile ngowaseMshwathi.

I-IEC izichithile izinsolo ze-ANC, ekhale ngobuhixihixi ngesikhathi ibhalisa amagama ngoLwesihlanu mhla ka-28 ku-August, obekuwusuku lomnqamulajuqu lokubhaliswa kwamagama.

Le khomishini iveze ukuthi ngasohlangothini lwayo, kabukho ubuhixihixi obube khona. Ukuhluleka kwe-ANC ukubhalisa amagama alabo abazobamela, kungase kube nomthelela omubi ngemiphumela yokhetho njengoba leli qembu livele likhombisa ukwehlelwa yisibalo sabavoti abalesekayo.