03 | Izindaba

Friday, 04 June 2025

Uzimisele "ngokumba umgodi" kwezokusakaza amahhashi ngesiZulu


Uncome amaphanta, wawafanisa nezintatheli zomdlalo wamahhashi


Image

NGUSANELE Mchunu osakaza imijaho yamahhashi ngesiZulu.

Lucky cain

UZIMISELE ngokunyusa izinga kulo nyaka uSanele Mchunu (41), oqophe umlando ngonyaka owedlule ngokuba ngumsakazi wokuqala ukusakaza umjaho wamahhashi ngesiZulu, emcimbini weHollywoodbets Durban July, eGreyville, eThekwini.

"Ngonyaka owedlule sasisezwa amanzi ngobhoko, kwase kugileka izimanga. Kulo nyaka kuyaphoqa ukuthi izinga silenyuse ukuze sikwazi ukunikeza abantu okuhlukile ngolimi lwabo," kusho uMchunu ozalelwe eHowick, kodwa osezinze KwaNyuswa. Uveze ukuthi uqale esebenza njengo-cameraman uma kunemijaho yamahhashi, kanti ukusebenza ngezinjomane sekumakhele nothando lwale mijaho.

"Bengiwu-cameraman kwaGoldCircle, ngisebenza nabasakazi bamahhashi besiNgisi. Yilapho ngicoshe khona ulwazi olunzulu ngezokusakaza amahhashi," esho.

Image

Uthe ngoMarch wonyaka odlule, unikwe ithuba lokuqala asakaze ngesiZulu, akabange esabheka emuva.

"Ngisebenzise ulwazi lwezokusakaza amahhashi engiluthole ngisasebenza nalabo abasakaza ngesiNgisi, ngase ngibheka nabasakazi beminye imidlalo abasakaza ngolimi lwesintu - okubalwa abakanobhutshuzwayo nabombhoxo.

"Ngibe sengibona ukuthi kumele ngifake okwami okwehlukile emahhashini, ukuze nami ngizakhele elami igama kulo mkhakha," kusho uMchunu.
Uthe okuhle ngokusakaza amahhashi ngesiZulu wukuthi yinto esaqala, okusho ukuthi akekho omunye umsakazi aqhathaniswa naye.

"Okwami wukuthi ngizibekele mina izinga kulolu hlobo lokusakaza, ukuze nabanye abazongena ngemuva kwami bafike babone ukuthi kumele nabo balenyuse, ukuze kukhule ukusakaza imijaho yamahhashi ngesiZulu," kusho yena.

Image

Uthe okumqoka ngokusakaza umjaho wamahhashi ngesiZulu, wukuqinisekisa ukuthi umlaleli - noma lowo ongaboni isithombe samahhashi - uyacaciseleka ngokwenzeka enkundleni ngesikhathi egijima.

"Kumele noma engaboni abe naso isithombe sakho konke okwenzekayo, kuze kube ihhashi lokuqala lishaya intambo," kusho uMchunu.

Uveze ukuthi kusukela ngonyaka owedlule, usesakaza yonke imijaho eyenzeka eThekwini ngesiZulu. Uqhube ngokuthi kusukela ngasekupheleni kwalo nyaka, uzobe esesakaza nemijaho yaseWestern Cape, ngalo ulimi lwakhe lwebele.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi nakuba engajwayele ukubheja ngemali enkulu, kodwa imali enkulu aseke wayiwina ngokubheja, wu-R15 000.

Uthe emjahweni wesikhombisa obhekwe ngabomvu kwiHollywoodbets Durban July - onomklomelo ka-R5 million - uthipha ihhashi elinqobile ngonyaka owedlule, u-Oriental Charm, kanti elinye alithembayo ukudla umhlanganiso, nguno-8 on 18.

"Okwamanje yilawo engiwabhekile, kodwa-ke kulo mjaho kuningi okungakumangalisa," kusho uMchunu oncome amaphanta njengabantu abazimiselayo ngokwenza ucwaningo ngamahhashi nangemijaho.

"Yibona abantu engingathi bayizintatheli zemijaho yamahhashi ngenxa yocwaningo abalwenzayo uma bezobheja, noma belandela ihhashi elithize," esho.

Kulindeleke izinkumbi kwiHollywoodbets Durban July yalo nyaka, kwazise ngaphandle kwamahhashi, ubumnandi buzobe buchithekile ngaphakathi eGreyville Racecourse, naseThekwini namaphethelo.