24 | Ezemidlalo

Friday, 04 July 2025

Isathambekele kwiSundowns inhliziyo kaMailula

Image
Owodumo kwiBucs ujoyine eyaseZimbabwe, iSuperSport yaqinisekisa ukudayiselwa iSiwelele FC

NGU-CASSIUS Mailula weWydad AC exinwe nguTijjani Reijnders weManchester City koweFifa Club World Cup ophele ngo-2-0 kunqoba iCity.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

USAZIFELA ngeMamelodi Sundowns uCassius Mailula ongumdlali weToronto FC yase-United States of America (USA), obebolekiswe kwiWydad Casablanca yaseMorocco ngesizini edlule.

UMailula ungomunye wabadlali abagijime ingcwenga yebhola kwiFifa Club World Cup yize ezakhe ziphume ekuseni kulo mqhudelwano osewusesigabeni sama-quarter final e-USA.

Lo mdlali uvalelisile kwiWydad njengoba isivumelwano sokwebolekiswa kwakhe sesiphelile.
Kufanele abuyele kwiToronto anenkontileka ezophela ngo-2026, enombandela wokuvuselelwa ngamasizini amabili.


Nokho kuthiwa kayikaphumeli obala iToronto ukuthi izomsebenzisa yini lo mdlali kule sizini, noma isazophinda yebolekise ngaye.
 Kunamakilabhu okuvela ukuthi amgaqele, okubalwa kuwona eyaseGibhithe - engagagulwanga ngegama - iMiddle East ne-Europe.

Image

NGU-MAILULA ejabulela igoli lakhe emdlalweni wokugcina wamaqoqo kwiFifa Club World Cup, yize ezakhe zigcine ziguqe ngo-2-1 kwi-Al Ain yase-United Arab Emirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ekhuluma nabezindaba uMailula, uthe yize engazi okwamanje ukuthi ikusasa limphatheleni, kodwa uma kungathiwa ubuyela eNingizimu Afrika, angakujabulela ukuphinda adlubhe ijezi lamaSandawana, azwakalise ukuthi yiwona agijima emithanjeni yegazi lakhe.

Lo mdlali kuvele ukuthi ngaphambi kokujoyina iWydad, wayefunwa yikilabhu yaseCroatia, kodwa waqoma ukuya eMorocco ngenxa yokuthi kwakusebenza khona umuntu amjwayele, uRulani Mokwena ohlukane naleya kilabhu ngokuphela kwesizini edlule.

Image

NGU-TERRENCE Dzvukamanja exhawula kozakwabo emuva kokushaya igoli esagijima kwi-Orlando Pirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

* UTerrence Dzvukamanja owaduma kwi-Orlando Pirates, uzitholele ikhaya elisha kwiScottland FC yaseZimbabwe, okudlala kuyona uKhama Billiat - wodumo kwi-Ajax Cape Town, iSundowns neKaizer Chiefs - noRonald Pfumbidzai.

* ISuperSport International ebeyingabanikazi beSuperSport United, iqinisekise ukuthi le kilabhu seyidayiselwe osomabhizinisi baseBloemfontein, kanti seyizokwaziwa ngeleSiwelele FC ngaphansi kobuholi bukaCalvin Le John, ongusihlalo.