19 | Ezemidlalo

Friday, 04 July 2025

Kushaqisile ukushona komdlali weLiverpool

Uvelelwa yingozi yemoto nje, ubesanda kushadelwa emasontweni amabili adlule

Image

NGU-DIOGO Jota ezama inhlanhla kunozinti weReal Madrid, uThibaut Courtois.

ZISHAQISE abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kukaDiogo Jota wasePortugal, ongumdlali weLiverpool yase-England, eyizingqwele ze-English Premier League (EPL).

Lo mdlali ushone engozini yemoto eyenzeke eSpain lapho eguqe khona nomfowabo omncane, u-Andre - naye ophelele kuyona le ngozi.

UJota obenekhono eliyisimanga lokuhlohla amagoli, udlula emhlabeni nje, ubesanda kushadelwa emasontweni amabili adlule, okuyinto ezoshiya ubuhlungu emndenini wakhe. 
Ushiye umkakhe nezingane zabo ezintathu.

Image

ISALE iwumlotha imoto ebihamba uJota nomfowabo.

Laba badlali kuthiwa bebehamba ngemoto yohlobo lweLamborgini, okuthiwa ishayise kwavutha umlilo - ngokusho kwabantu abazibonele ngesikhathi le ngozi yenzeka.

U-Andre naye ubengumdlali webhola, edlala esigabeni esincane ePortugal.

Kwenzeka lokhu nje, nyakenye kwalimala kabi umdlali weWest Ham United, uMichael Antonio ngesikhathi egingqika ehamba ngalo lolu hlobo lwale moto ebalwa neziphambili emhlabeni.

Imiyalezo yenduduzo ilokhu ingene njalo emndenini kaJota nasekilabhini abeyigijimela.