Izindaba | 14
Friday, 04 July 2025
NguRelebohile Mofokeng okuvela ukuthi i-Orlando Pirates ichithe izimbangi zakwa-Israel ebezisembangweni wokumthenga.
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Kuchithwe awaphesheya abezothenga isilomo seBucs; baphawule kanje abafundi bethu:
Vika Wise Dladla:
Akuphunywa laphaya, ufela khona..
Njabulo Mnyandu:
Akana contract umfana uyoze ateleke njengoSaleng. Nobaba womfana wachaza ukuthi akanankontileka. .
Thabsile Mwelase:
Usemncane, abame kancane..
Mabaso Sfundo Pelo:
Abayeke ingane ibone umhlaba ikhule. Izinga lakhe liyawadinga amadlelo aluhlaza. IPirates ayicabangele ikusasa lengane. Ibhola yinto yesikhashana, uyoze aphuphe umfana.
Lindelani M. Duma:
Ukuba yiSundowns yethu ngabe sekukhulunywe kwamanzi imilomo. Vele asikho isidingo sokuhambisa abadlali bethu
ko-Europe, cause vele baholelwa kahle la eMzansi. Big up kwiManagement yePirates. Lezi ngane ziyahamba la, zibuye seziphuphile! .
Mami Shelembe:
Bathenge inqwaba yabadlali abahle kodwa ngoba i-pierat isiyajwayela ukuxhaphaza umuntu omnyama, babambambile. Angisiboni isidingo sokudlala ngalo mfana elokhu enziwa isilima. Ukube ingane kaKhoza le ibingahamba ngisho for free ukuya phesheya, ukuze ikhule ngebhola nasemalini..
Lindani Simbela:
Yaz' kodwa angiboni something special nge-Europe, especially uma uzosuka uyodlala koSK Brann or Malmo noma eFrance - those teams are not better than what we have here in Africa, even Pirates is much better than most European teams..
Dumisani Ntusi:
Cacisa, kuchithwe awakwa-Israel. Akekho umzali ongathatha ingane yakhe ayise lapho kuliwa khona ingalona isosha..
Sabatha Swazelihle Mdluli:
Uyoze aphuphe lana eMzansi. Nebhola lakhe ngeke lithuthuke edlala obhuqwini unyaka nonyaka, nabantu ababodwa. Sebeyoze bamnqamule umnkantsha oMvala.
Siboniso Ngema:
Baze balilimaza ithuba elihle lomfana madoda, lokuthi agqame ebalazweni lomhlaba..
Raymond Gcinukwenza Mzila:
Akuwona wonke amaqembu aphesheya ekufanele kudedelwe abadlali beye kuwona.
Jobe Ka Dingiswayo:
Unjalo ke UKhoza 😂😂😂