Izindaba | 13

Friday, 04 July 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

Zihluphe ngolwazi lwemoto oyishayelayo


Kumele ubhekisise inani layo, yithangi nezindleko zokuyigcina
Image

KUYAPHOQA ukuzihlupha ngohlobo lwemoto oyishayelayo nonesifiso sokuyishayela ngenxa yokuthi akithina sonke esigcina sishayela izimoto esizithandayo, kodwa kukhuluma iphakethe.

Yingakho kumele ubhekisise konke ngemoto, kusukela kwinani layo, yithangi kanye nezindleko ezihambisana nokuyigcina kwakho; umshwalense nalapho iba nezinkinga khona.
Kuleli sonto sizobheka i-Hyundai Creta Matte Edition.

Inkampani yezimoto yakwa-Hyundai, isizakhele igama ngokuba nezimoto ongazethemba lapho uqhathanisa inani lazo nokunakekelwa kwayo, noma isiphumile egalaji lezimoto (after sales service).

Emuva kweminyaka ewu-32, le nkampani yase-South Korea yaqala ukuhweba eNingizimu Afrika, isibalwa nezinye ezinedumela kubashayeli bakuleli; okubalwa kuzo ezakwa-Toyota, iVolkswagen neSuzuki.

I-Creta Metta izokuheha kakhulu ngopende wayo ongacwebezeli (matte), okuyenza ibukeke isemgangathweni iphinde izothe, okuphoqa ukuba uyinakekele ngendlela enobunono kunejwayelekile lapho uyihlanza.

Yakheke ngendlela yesimanjemanje, kanti nama-rim acwebezelayo ahambisana kahle nopende wayo.

Kuningi okuthe xaxa okukulolu hlobo olusha lweHyundai Creta uma kuqhathaniswa neyangaphambilini.  Uma uke waba ngumshayeli wayo phambilini, ngeke udideke kakhulu.

I-touchscreen yayo ixhumeka kalula nocingo lwakho lwe-smartphone, ine-Wi-fi, kanti ikunika nezindawo zoku-charger izingcingo ngaphandle kwekhebuli, futhi ezingenela
umshayeli nahamba nabo.

Image

* Ivulekile ezihlalweni nasebhuthini

Njengohlobo lwe-SUV, iwufanele umndeni, ivulelekile ezihlalweni zangemuva nebhuthi engamalitha awu-416.

Ukuba nesikhala esiningi kungisebenzele kakhulu lokhu ngezinsuku zemidlalo yebhola namadodakazi ami, lapho bekumele sithwale izitulo nezikhwama nayo yonke imigodla yethu, kwanela konke kahle.

Kungiphoxile nokho ukuthi njengoba i-Creta iyimoto yomndeni, kodwa inama-air bag amabili vo ngaphambili. Ukuze uthole athe xaxa kumele uthenge uhlobo lwe-Executive, ezokunika nama-airbag ezihlalweni zangemuva.

OKUNYE OKUNGANGIHLABANGA UMXHWELE

Kube wumsindo ongemuhle wenjini lapho uzama ukunyathela uphethiloli, nokungazinzi kwayo lapho ushayela kuma-speed humps nemigwaqo yethu engemihle kwezinye izindawo.

Nakuba izihlalo zayo zingezona ezesikhumba sangempela kulula ukususa ukungcola, kanti ishayeleka kalula emigwaqweni yetiyela, nezinkomba zayo ezikugcina uphephile lapho uphuma emzileni wakho (lane keeping system), zidlala enkulu indima.

Ngenani elisukela ku-R520 000 kuya phezulu uthola imoto edla amalitha awu-6.3 L kumakhilomitha awu-100.

Ngikuncoma kakhulu ukonga kwayo uphethiloli, uma ngiqhathanisa nenani layo. Ngiyishayele isonto lonke ngaphandle kokubheka ithangi.

Image