Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 04 July 2025

Woza Nazo Mzala...

Image

  NguSomizi Mhlongo obhekwe ngabomvu kwiDurban July. 

 Nginovalo ngoSomG...

SISEKUYO indaba yeDurban July, nginovalo ngalo nontandakubukwa onguSomizi ukuthi kazi mhlola muni-ke azosibonisa wona kulokhu.

Phela uSomG uvele aqhamuke nento ekushiya ukhamisile. Ngeke ngimangale uma efika ethwelwe ngebhodwe elikhulu.

Futhi ngeke ngimangale uma engena eGreyville eshishiliza ngekhasi likabhanana. Hhay' bo, unezimanga uSomG, ngiyanitshela.

 Anyway, I love your spirit Som Som - lapho usuke ukhona, there's never a dull moment. See you there...!

Image

 Wumswenko owawugqokwe nguSomizi kwiDurban July ngo-2023. 

 Ungasigili Khuba ngokugqoka amalivilivi kwiDurban July

Image

  NguKhuzani Mpungose okubanjwe umoya ngemfashini yakhe kwiHDJ, ngoMgqibelo.

 Ngiyakuvuma Duduzile!

Image

   NguDuduzile Zuma okukhalwa ngaye.

HHAY' bo, uyabarosta maDudwana kaBaba! Balokhu bekhale njalo bethi, "tshiyo tshiyo sengvuthiwe". Silokhu sibona kuqhasha one by one enini lakho ntombazane.

Uyabona girl, uMzala akasabi muntu, kodwa wena ngathi uze nenye. Futhi ngiyabona ukuthi kufanele ngisondelane kakhulu nawe ukuze ngizoba safe kule mfologo yakho obaphendula ngayo epananini.

 Futhi nje ngathi awusasebenzisi nemfologo, ubagwaza ngomkhonto straight.
Nina-ke bomathanda izindaba ngicela ningangibuzi ukuthi ngikhuluma ngani la - if you don't get it, forget about it.