Izindaba | 05

Friday, 04  July 2025

Image

Lukhuza ibuya kumabonakude olwabashada bengazani

Amakhaphuli abopha ifindo lomshado ngosuku lokuqala ebonana

Lucky Cain

LUKHUZA ibuya uhlelo lukamabona-kude olususe izinkulumo ngesikhathi luqala ukukhonjiswa, iMarried At First Sight, obelukhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161.

Isizini yesibili kulindeleke ukuba iqale ukukhonjiswa ngehora lesithupha ngeSonto mhla ka-6 kwephezulu njengoba amakhaphuli amane, kulindeleke abophe ifindo likasofa silahlane ngosuku lokuqala ebonana.

Ngesizini edlule ababukeli bazibonele imishado yezithandani uThami Nyandeni noZithobile Sibiya, uMakhumo Ngobeni noThabang Mvuyane, uBoitshepo Mashetla noSebenzile Ngwenya, uKutso Mokoena noLitsoanelo Seturumane.

Image

Akujwayelekile ukushada kwabantu bengazani

Lolu hlelo lumangaze ababukeli, ikakhulukazi njengoba bekuyinto engajwayelekile ukuthi izithandani zishade ziqala ukubonana, ikakhulukazi njengoba eNingizimu Afrika imindeni ivamise ukuba yingxenye yezinhlelo zomshado, futhi kunemicimbi yesintu nezinto zesintu okufanele kudlulwe kuzona kuqala ngaphambi kosuku lomshado.

Ngesizini yokuqala yalolu hlelo, amanye amalungu omndeni alezi zithandani akhombise ukungahambisani nobekwenziwa yizihlobo zawo kulolu hlelo - ukushada nabantu ezingabazi.

Zikhona izinhlelo zokucathulisa abasanda kushada

AbakwaMultichoice bathi banazo izinhlelo nongoti abalekelela ukucathulisa izithandani uma sezishadile kulolu hlelo.

Image

Umeluleki wezothando, uLinda Yende, nodokotela wezocansi neziphathelene nezitho zangasese, uDkt Mpume Zenda, bangabanye babantu abavelayo kulolu hlelo, abalekelela izithandani.

Ngeshwa akuzona zonke izithandani ezigcina ziphumelele ukugcina umshado wazo eziwuthole kulolu hlelo.

Umshado oshabalele ngokaNyandeni nomkakhe uZithobile, kanti uMvuyane noMaKhumo bakwazile ukulungisa izinkinga, baqhubeka nomshado wabo.

Kule sizini kubhekwe abesilisa uThemba Khosa, uTshepo Miya, uNkululeko Mahlangu noBongani Luvalo, nabesifazane uNelisa Ntabeni, uMakoto Phumodi, uPortia Baloyi noPalesa Mphaki, ukuba bahlangane, bazithole beshada.