Iizndaba | 04
Friday, 04 July 2025
Kukhalwa nangabadabuka, ngaphandle ababoshiwe abadla cishe u-R11 million ngosuku kubakhokhintela...
Umhlaziyi uthi le ndlela yayekwa ngenxa yobunzima bokukala isilinganiso sesijeziso...
Kwehlukene izimvo ngombono wokubhaxabula iziboshwa ezenza amacala amancane, kunokuba zigqUnywe ejele njengoba ungqongqoshe ekhala ngokugcwala kwawo.
Mthokozisi Dlomo
KWEHLUKENE imibono ngesiphakamiso sikaNgqongqoshe wezobuLungiswa uMnu Pieter Groenewald (osesithombeni esingezansi), sokuthi kudingidwe ngesidingo sokubuyisa induku (corporal punishment) ukuze kubhekwane nenselelo yokugcwala kakhulu emajele akuleli.
UGroenewald unombono wokuthi abanye abasuke benze amacala akumele baze bayogqunywa emajele, kodwa kumele bajeziswe ngoswazi.
Ethula inkulumo yesabelomali somnyango wakhe ngoLwesithathu, ungqongqoshe uthe okunye okudala isiminyaminya emajele akuleli, wukuhamba ngolonwabu kohlelo lokushushisa.
Uveze ukuthi bangaphezulu kuka-60 000 abantu abalindele ukuqulwa kwamacala abo, kanti abangaphezulu kuka-2000 abanayo imali yokukhokha ibheyili engaphansi kuka-R1000.
Yize abanye beweseka umbono kangqongqoshe, abanye bathi lokhu kungaholela ekutheni labo abasemagunyeni bawaxhaphaze amandla abo, njengoba kwakwenzeka ngesikhathi sobandlululo.
UMnu Mpumelelo Zikalala ongumhlaziyi wezomthetho, uthi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukugxila emiphumeleni (ukugcwala kwamajele), kungalungiswa umsuka wenkinga.
"Isiphakamiso sikaGroenewald yinto ezophelela emoyeni. Into yokushaya yavalwa ngo-1996 ngoba kwakunenkinga yokulawula isilinganiso sesijeziso. Yebo kuyaziwa ukuthi uhulumeni ubhekene nenkinga yemali, kodwa ukugcwala kwamajele kudalwa yizinto eziningi, okumele zibhekwe ngokwehlukana kwazo," kusho uZikalala.
Uthe ziningi izizathu ezenza abantu bagcine benza ubugebengu, njengendlala nezinye izinkinga zasemphakathini, okumele kugxilwe kuzona kuqala.
Ungqongqoshe ukhale nangesibalo esiphezulu sabantu basemazweni angaphandle kwaseNingizimu Afrika, abagqunywe emajele akuleli, abadala enye ingcindezi emajele akuleli. Uthe abantu bangaphandle kumele uma sebegwetshiwe, babuyiselwe emazweni abo ukuyodonsa izigwebo khona.
"Bangaphezulu kuka-24 000 abantu bangaphandle ababoshwe kuleli. Isiboshwa ngasinye sidla u-R463 ngosuku emalini yabakhokhintela, okusho ukuthi izwe lichitha ngaphezulu kuka-11 million ngosuku ngeziboshwa zangaphandle," kusho ungqongqoshe.
UMnu Dereleen James oyilungu le-ActionSA ePhalamende, uthe kumele kuqiniswe izinhlelo zokubuyiselwa emuva kwabantu abakuleli ngokungemvume.
UZikalala uthe izwe linemithetho eqinile okungathi uma isetshenziswa ngendlela efanele, isize ukunqanda izinga eliphezulu labantu abakuleli ngokungemthetho, okubalwa ukulwa nenkohlakalo emingceleni.
UMnu Richard Mamabolo, okhulumela iPolice and Prisons Civil Rights Union, uthe umnyango kumele ubheke eyokukhulula iziboshwa eziboshelwe amacala angathi shu, nalezo eseziya emaphathelweni ezigwebo zazo.