19| Ezemidlalo
Friday, 03 October 2025
NGU-HENDRICK Ekstein ongenye yezinjini zoSuthu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
SISHAYA indesheni kubathandi bakanobhutshuzwayo baKwaZulu-Natal isikhwishikhwishi somdlali wamaZulu FC, uHendrick "Pule" Ekstein, ukungquzuka kuzona zonke izinkalo beyoseka le kilabhu uma seyidlala neMagesi FC kwiLast 16 yeCarling Knockout ngeSonto ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
USuthu luhambela phezulu emuva kokubuya nephuzu emdlalweni neKaizer Chiefs ophele ngo-1-1 ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadium, eGoli.
U-Ekstein uthi bebazi ukuthi umdlalo weChiefs uzobakhama njengoba kuyikilabhu enkulu, kodwa oweMagesi uzofika sebewulungele.
"Ngeke kube wumdlalo olula uma sesibhekene neMagesi, kodwa siyethembisa ukwenza konke okusemandleni ethu ukuwunqoba.
"Sizolwela ukudlulela esigabeni esilandelayo. Kasinendaba ukuthi iMagesi FC izinto kaziyivuni emidlalweni yeligi, sizoyiqapha ngoba isengavuka inja ebomvu kulo mdlalo ngoba ifuna ukuvikela indebe yayo.
"Nginxusa abalandeli ukufika ngezinkani kulo mdlalo ukuzosikhuthaza ukuze kucindezeleke izitha zethu. Phela abalandeli baneqhaza elimqoka emidlalweni," esho.
NGU-HUGO Nyame wodumo kwiRoyal AM, ezicelela intethelelo kunondweba, u-Akhona Makalima.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UJohn Maduka opheka iMagesi FC, uthi uyazi ukuthi njengoba bevikela indebe nje, lokho kuzokwenza ukuba lo mdlalo wabo namaZulu FC ushube.
Uthi bazowulungiselela kahle, ngeke baxhamazele.
"Ingcindezi ihlale ikhona zikhathi zonke, futhi yenza sisebenze kakhulu kunakuqala. Nginethemba lokuthi uma singanqoba AmaZulu, kunganyuka nokuzethemba kubadlali, bazi ukuthi bangakwazi ukuguqula isimo ababhekene naso eligini," kusho uMaduka.
Ebuzwa ngoHugo Nyame ongunozinti osuka kwiRoyal AM, lo mqeqeshi uthe yizikhulu zeMagesi FC ezizocacisa ngodaba lwakhe.
IMagesi FC iya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali bayo abambalwa abalimele okubalwa kubona uMcedi Vandala, uTholang Masegela noBanele Gama.
Okuhle wukuthi kubuya uJohn Mokone obelimele.
Le kilabhu yaseLimpopo izodlala KwaZulu-Natal nje, inesilonda esibhibhayo njengoba ngenyanga edlule iphume kulesi sifundazwe ilambatha njengoba ihlulwe yiRichards Bay FC ngo-1-0, kwalandela iDurban City - ethele muva njengembumba - iyibhaxa ngo-3-1. Yomibili le midlalo bekungeyeligi.