10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 03 October 2025
Woza Nazo Mzala!
NGUNGIZWE Mchunu odume ngelikaMengameli Wamabhinca.
IChunu ngelinye ilanga liyophaphama ejele, ngenxa yokuhhema
KAZI uNgizwe Mchunu uphila kumuphi umhlaba njengoba esacwasa abathandana nobulili obufana nobabo. Angifuni ukungasho; uMzala unengekile yile nkulumo yakho esabalele ezinkundleni zokuxhumana. Tshela mina ngitshele abanye, wena ucosuka kuphi uma bethandana bodwa?
Futhi-ke uqale nini ukuba ngusomlomo wamaZulu, osuzotshela thina ukuthi kumele sigqokeni? Hhayi ndoda, dlalela emzini wakho, hhayi emizini yamanye amadoda.
YISILOMO somlingisi, uWiseman Mncube.
NGIYAWESABA umona wenu bahlali baseMzansi! Kanti yini le eyenza omunye umuntu ningamfiseli okuhle? UWiseman Mncube utshengise ukuba yindoda, wathatha unkosikazi, kodwa nina majaji amakhulu nimbona engamfanele uNokubonga Ngobeni.
Ngizwe nomlingisi uGugulethu Mzobe esenigiva, ethi chabo, akushadi izingqazu kuphela, kushada noma ngubani ophiwe umshado ngabakubo noma nguNkulunkulu.
Abanye benu bathe uyedelela, kwazise phela anizwani nina neqiniso. UMzala uninika isiyalo esisodwa nje kuphela... phumani ezindabeni zabantu abathandanayo, niphuze amanzi.
NGUMCULi kamaskandi uSaliwa Ndunakazi, ephethe amalandi amathathu (R3), okuyisihloko se-albhamu yakhe entsha.
Awusichathazele ogeza ngakho weSaliwa
KAZI umculi kamaskandi uSaliwa ugeza ngani? Waze wawahlanyisa amantombazane emcimbini wokwethulwa kwe-album kaLwah Ndlunkulu obuse The Playhouse, eThekwini. Kuvele kwangathi umcimbi ngowakhe.
Ngithe uma ngixoxa nozakwethu, ngibuza ukuthi yini le ehlanyisa izintokazi kule nsizwa, kwacaca ukuthi sonke kasazi lutho. UMzala ucela umyalele le nyanga oyihambayo, ekunika "uvelabahleke" Angikudleli umona nsizwa yakithi, ugazi unalo kanti nengoma inkulu la kuwe.