05 | Izindaba

Friday, 03  October 2025

 Ikwangqingetshe eyokuthengwa kwezinsiza-kufunda ezikoleni zaseKZN

Kuthiwa uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe kawunayo imali

Lokhu sekujamise ukuthengwa kwezinsiza zangonyaka ozayo... 

Image

Mthobisi Sithole 

KUCHITHWE ukuthengwa kwezinsiza kufunda zangonyaka ozayo ezikoleni KwaZulu-Natal, ngenxa yokuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni awunayo imali.

Ihhovisi likamgcinimafa aligunyazanga ukuba kwenziwe lokhu ngoba lithi kuzosuka uthuthuva uma osomabhizinisi sebewenzile lo msebenzi, bese bengakhokhelwa imali yabo.

Ngokwesitatimende esikhishwe yileli hhovisi, siveza ukuthi uMnyango wezeMfundo awusavunyelwe ukuthatha izinqumo zokusebenzisa imali ngaphandle kokugunyazwa ehhovisi likamgcinimafa, njengoba usufakwe ngaphansi kuka-Section-18 okuwumthetho olawula ukuphathwa kwemali (Public Finance Management Act).

UMnu Nkosikhona Duma okhululela ungqongqoshe wezemali, uthi umnyango wezemfundo wafakwa ngaphansi kwalo mthetho ngenxa yesimo esingagculisi sokuphathwa nokusetshenziswa kwemali.

Uthi lokhu kugqame kakhulu ngonyaka wemali
ka-2024/2025,  lapho imali isetshenziswe ngendlela engamukelekile.

Image

"Lokhu kusho ukuthi njalo uma kunezinhlelo zokuthenga ezenziwa wuMnyango wezeMfundo, umnyango wethu kumele uqinisekise ukuthi impela uMnyango wezeMfundo unayo imali yokuthenga nokukhokhela lokho osuke uhlose ukukuthenga.

"Uma umnyango wethu ungakwenzi lokho, ingozi enkulu izovela lapho kungaba nesimo sokuthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni ube nezinhlelo ezinokugagamela, nezingahambisani nemali onayo ngaleso sikhathi.

"Lokho kungadala ingozi yokuthi kube nosomabhizinisi abathi uma sebewenzile umsebenzi abawuqashelwe ukuwenza wuMnyango wezeMfundo esiFundazweni  bangakhokheleki, kuphinde  kudale ukuthi kube nokusebenza kwemali budedengu.

"Ngakho-ke, sifisa ukuqinisekisa ukuthi njengamanje, uMnyango wezeMfundo esifundazweni awunayo imali yokuthenga izinsiza zokufunda nokufundisa konyaka ozayo," kusho uDuma.

Uthe yingakho-ke umnyango wezemali nomgcinimafa bengakwazi ukugunyaza ukuthengwa kwezinsiza-kufunda nokufundisa ngenxa yokuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, awunayo imali yokuzikhokhela.

"Le minyango yomibili isithathe isinqumo sokuzibophezela ukusebenza ngokubambisana ukuze le nkinga ixazululeke," esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi uthe kusabanjwe izingxoxo zokuxazulula le nkinga. Kwenzeka lokhu nje, kumele engabe sekuqaliwe ukuthengwa kwezinsiza-kufunda ezikoleni, kuthengelwa unyaka ozayo.
 
Kuwona lo nyaka kuNhlangulana (June)- uMnyango wezeMfundo ubolekwe u-R900 Million ukuze kuqhubeke ukubhalwa kwezivivinyo, njengoba bese kunesiteleka sothisha ezikoleni. Le mali ithathwe kweminye iminyango kahulumeni, kwahlengwa wona owezemfundo.
mthobisis@ilanganews.co.za