22 | Ezemidlalo
Friday, 03 July 2026
NGU-GERDA Steyn oyingqwele yeTwo Oceans kwabesifazane.
Mzwamandla Zondi
ABADIDIYELI beTotalsports Two Oceans Marathon balalele ukukhala kwabagijimi kulandela ukusala ngaphandle kwezindimbane zabasubathi emjahweni wanonyaka obungePhasika.
Lo mjaho uhlukene izigaba eziwu-5; okuyi-56km, i-21km, iTrail Run, iNight Run ne-International Friendship Run.
Kuthiwa owangonyaka ozayo uzoqala ngomhla ka-31 kuMarch, uqhubeke kuze kube wumhla ka-4 ku-April.
UWade Bromfield oyi-event director yalo mjaho - oxhaswe ngabakwaBYD - uthe ngonyaka ozayo bazoyenyusa imingenelo yabo kusuka kwi-half marathon kuya kwi-ultra marathon (56km).
"Sinqume ukuyenyusa imingenelo yangonyaka ozayo, emuva kokukhala kwabasubathi abaningi, bethi basale ngaphandle.
"ITotalsports Two Oceans Half Marathon isizokwenyuka isuke ku-17 000 iye ku-21 000, kuthi i-56km inyuke isuke ku-14 000 iye ku-21 000 (okwenzela) ukwamukela izindimbane zabasubathi abasale ngaphandle emjahweni wanonyaka.
"Okubalulekile wukuthi i-56km izokuba ngeSonto lomhla ka 4 ku-April, lapho esilindele khona izinga eliphezulu njengoba lo mjaho ungomunye wemikhulukazi e-Afrika," kusho uBromfield.
NGU-ARTHUR Jantjies oyingqwele yeTwo Oceans kwabesilisa.
Lo mjaho osatshalaliswa ngabakwaStillwater Sports, usanda kuthola i-International Association of Ultrarunners (IAU) Gold Label Status.
I-IAU yinhlangano engamele imijaho eyibanga elisuka ku-42.2km kuya phezulu, kanti neComrades Marathon ingena ngaphansi kwayo.
UBromfield uthi kusho lukhulu kubona ukuthola i-golden label.
Uthi ukusebenza kanzima kwabo sekuthele izithelo egcineni. Uthi balindele umjaho osezingeni eliphezulu ngonyaka ozayo.