21 | Ezemidlalo

Friday, 03 July 2026

Unxusa ubumbano kwezokugijima obambe esokuhola i-ASA


Ujabulela nokufakwa emijahweni esezingeni lomhlaba kweSanlam Cape Town Marathon

Image

Mzwamandla Zondi

UMENGAMELI obambile kwi-Athletics South Africa (ASA), uJohn Mathane, unxusa abadidiyeli beSanlam Cape Town Marathon ukuba bangavuvukalelwa ngamakhanda njengoba isiyi-Abbot World Marathon Major (AWMM).

Lo mjaho ogijinywa minyaka yonke eCape Town ngoMay, sewujoyine imijaho emikhulu emhlabeni; okuyiTokyo, iBoston, iLondon, iSydney, iBerlin, iChicago neNew York Marathon ngokuba yi-AWMM.

Umjaho wanonyaka weSanlam bewungenelwe nangumsubathi ohlonishwa umhlaba wonke, u-Eliud Kipchoge waseKenya.

Lo mjaho yiwona kuphela e-Afrika oyi-Abbot Major.

Ukuze ukwazi ukuba yi-Abbot Major, ziningi izinto okufanele udlule kuzona, nokusuke kufanele nizilandela.

UMathane uthe ujabule ukuthi ngesikhathi sabo sokuhola, iSanlam Cape Town Marathon ibe yi-AWMM.

"Kuyizindaba ezinhle ukuthi eNingizimu Afrika sesinomjaho oyi-AWMM. Engikucelayo kubadidiyeli balo mjaho wukuba bazi ukuthi eNingizimu Afrika yithina esiphethe ezokugijima. Bengicela ukuba konke abakwenzayo basebenzisane neWestern Province Athletics (WPA), engaphansi kwe-ASA.

"Ukungaboni ngaso linye kufanele bakubeke eceleni, bakuqonde ukuthi ezokugijima eNingizimu Afrika zingaphansi kwe-ASA.

"Uma benze lokho, zonke izinto zizohamba kahle. Uma bezikhathalele ezokugijima kuzofanele bazibeke phambili," kusho uMathane.

ILANGA Lempelasonto lingakudalula ukuthi kunokukhulu ukungaboni ngaso linye phakathi kweWPA nabadidiyeli beSanlam Cape Town Marathon njengoba sekuze kwayiswana ngisho ezinkantolo.

Okunye okudala umsindo wukuthi iWPA kuncane ekutholayo ngalo mjaho.

Kuzokhumbuleka ukuthi uma uhlela umjaho kunephesenti elithile elikhokhelwa inhlangano yezokugijima yakuleso sifundazwe.

Kuthiwa miningi imihlangano esike yahlelwa phakathi kweWPA nabeSanlam Marathon kodwa singatholakali isixazululo.