15 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA oluthi:
UVusumuzi "Cat" Matlala uwavumile amacala, wenze isivumelwano sokuphenduka ufakazi woMbuso:
NGUMNU Vusumuzi "Cat" Matlala
Nqobile Khumalo:
Akukho okufihliwe okungayukuvela.
Ntuthuko Nkosinathi Mkhize:
Kusho ukuthi ukuhlala Obhongweni kumshintshise umqondo. 😂😂😂
Busisiwe Moerane:
Bangambulaleli-ke phakathi Jehova. 😭💔 Ngoba uma ungufakazi emacaleni abucayi kanje, usuke usengcupheni.
Gugulethu Dumisa:
Kungcono lokho. Okwakobani ukutoka wedwa ekubeni wadla nabantu, basale bebahle bona?
Nikholas Ngubo:
Wenze ngokuhlakanipha. Vele ubengeke awawine la macala because anobufakazi obuningi kakhulu. Salute lapho! 🤔😳🤔😳😂🤣🙏👌
Zowakha Mcgate:
Kwamshubela umalume. 😀😀
Wonder Bongani:
Akafuni ukuya phansi yedwa, ufuna ukwehla nabanye.
Pamela Dube:
Kusho ukuthi kuzodingeka ibhasi ngoba yinqwaba ezohamba naweCat Cat.
Cebie Mdletshe:
Kusazoshuba eMzansi.
Sandile Gumede:
Alibakhiphe bonke iKati ebelidla nabo lemali yombuso.
Phili Mbava:
Basheshe babaleka, balethe nge-tray wena Cat, ungayi wedwa emgodini.
Tdk Tdk:
URamaphosa uphakathi la, ngeke asale.
Bhizah Dokotela:
Eyi bafethu kusazoshuba la South Afrika. Kuningi esingakwazi okusazovela obala. Noma bengamvalanga umlomo uVusi Cat Matlala, kusazovela abantu abaningi, abathenjiwe, futhi nabo-ke bakhiphe ababo.
Desco Desangoh:
Sibonga uMkhwanazi. Ubezowavuma kuphi, kubani wonke la macala?
Sthandiwe:
UMchunu ushona phansi uma kunjalo.
Mafika Mbanjwa:
Ziyakhala-ke manje.
Xolani Nene:
Sekukhokhiwe, uyaphuma lo.🤞🤞
Vusi Mhlaziyi Ndlovu:
Yawuchitha umuthi inkonyane.
Sphesihle Nxumalo:
Uzitshela ukuthi ukuvuma amacala kuzomkhipha, kanti cha, usazohlala.
Njabulo Zikhali Intshebe:
Okusho ukuthi komele avikelwe uCat Matlala bangamthumi uphuthu.