14 | Izindaba |
Friday, 03 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Imvunge ngohambo lukaZuma lwase-India:
UMENGAMNELI weMK Party, uMnu Jacob Zuma okwesokudla, ubevakashele umhlobo wakhe uMnu Ajay Gupta, e-India. Uthi ubeyombonga ngokumeseka eminyakeni edlule. Lapha bathathwe bevakashele ethempelini.
Sikhumbuzo Khuzwayo:
Kodwa kukhona abangaboni lutho olu-wrong ngaye? 😒
Sphamandla Nkosi:
Makeze nawo amaGupta ezovula amathuba omsebenzi.
Kono Mtshali:
Why akhuluma amanga lo baba ngoba wabaleka u-Ajay? Nanamuhla uyafuneka la.
Themba M Chonco:
Sengathi kungathi uma usukule minyaka uhlale endlini nabazuku- lu. Ungalokhu uphuma ubuyele phandle uthamele ilanga ulinde usuku lweRIP. Uyabona le yama-camera ayilungile ngoba ugcina sewushaya ama-own goal.
Shendezwayo KaTopstar Dumisa:
Siyabakhumbula bandla. Imisebenzi yayiminingana. ☺️
Nhlaka Gasa:
Njengobani ongakaze ayobheka umngani wakhe onamacala? Manje ubungani namacala kuhlanganaphi?
Sphesihle Demazan:
Lo muntu usemdala nkosi yami. Laba abasebancane abamkhuzi. Kodwa-ke yasho indodakazi yakhe ukuthi kunabantu abamhlome- kisayo. Ungavakasha kanjani ezweni elinomuntu ofunwayo ezweni lakho for amacala, nawe obandakanyeka kuwona, futhi lowo muntu ucashile but wena uyamvakashela?
Thembinkosi Mhlongo Sphah:
AmaGupta abaleka la eSouth Afrika ngoba azi ukuthi enza ubugebengu, ubaba uZuma uyawalandela. Ubaba wenze iphutha elikhulu ngenxa yothando lwemali. Uyayithanda into ekhulumisayo.
Simiso Mhlongo:
Masingakhohlwa yiPhala Phala, nakhona yinto efanayo nalena.
Thulani Ngwenya:
Usafuna ukuba ngu-president futhi?
Vela Mdletshe:
Mmmm, i-retirement ibalulekile, ikuvikela kokuningi!!
Siba Thotho:
Usadlala i-chess namanje? 🙄
ZC Mvunyezwa:
Ngaba mubi ngakithi ngo-2006-7, ngibuza nje ngithi, nibonani ngale ndoda eyenza nibone ifanelwe wukuba ngu-president.
Nurse Nxumalo:
Myekeni angithi nathi ngawakhe amaGupta, manje nihlushwe yini uma esewavakashela?
Ake niphume kuMsholozi.
Sipho Simelane:
Ugugile manje uMsholozi, makashiyele amajongo.
Sizwe Richard:
Mawabuye ngoba awazile ukuzodla izwe, kwakunama- project amaningi eMzansi kuphethe uMsholozi, namaGupta ekhona.
Mhlengy Luthuli:
Sithule siyabuka njalo, bese nithi kukhona okuyoshintsha uma kuphatha ontaba kayikhonjwa!
Njinji Magwaza:
Cha kodwa uZuma ave ecabanga ukuthi sonke singabase Limpopo? Mvoteleni, nizobona uzobalanda futhi bezonigila. Niyazi yiqili phela leli, amaqili kawalahlani, yiwest inkosi impela. 🤣🤣🤣😡