13 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
Kunomehluko omkhulu phakathi kwemoto eyi-Hev, naleyo eyiPhev
Ishay' izule
noZandile Tembe
KUNINGI ukudideka nolwazi olufiphele ngomehluko phakathi kwemoto eyi-HEV neyi-PHEV, nokunomthelela lapho abathengi bekhetha.
Zingamaphesenti acishe abe wu-70, izimoto esezibe yingxenye yale ngosi ezisemkhakheni wezimoto ezihlanganise injini kaphethiloli nogesi.
Kuleli viki sizoke sichazele umfundi weLANGA Langempelasonto ngomehluko nongakulindela kulezi zimoto, ukuze kube nokuqonda okuthe thuthu.
Qondisisa la magama amabili, u-HEV no-PHEV, okuzokusiza uwazi umehluko lapho uyothenga imoto egalaji lezimoto.
Lolu hlobo lwemoto lubuye luzishintshe,
lusebenze ngogesi
Imoto eyi-HEV ihlanganise injini kaphethiloli
ne-motor kagesi, kodwa ngeke wakwazi ukusebenzisa ipulaki yasodongweni ukuyishaja.
Lokhu kungenxa yokuthi i-battery yale moto izishaja yona ngokuthi uma uyishayela ngesivinini esiphansi, isebenzisa amandla enawo ukushaja i-battery, uphethiloli usebenza kuphela lapho unyusa isivinini.
Okusho ukuthi ngesikhathi uthatha uhambo olude, usebenzisa nesivinini esiphezulu, bese yona isebenzisa injini kaphethiloli kuphela.
Ohambweni olufushane nolungadingi isivinini esiphezulu, iyazishintsha, isebenze ngenjini kagesi.
Iyazishintsha yona phakathi kukagesi nenjini kaphethiloli, ngokukala ibanga nangendlela isivinini esiyiyona.
Yini eyenza imoto ewuhlobo lweHev,
ibengcono kunezinye?
Uyakwazi ukonga uphethiloli ngokushintsha kokusebenza kwenjini okuhambisana nebanga ozolihamba, okwenza ukwazi nokuhlelela uhambo lwakho.
Awudingi ukuzihlupha ngezindawo ongashaja kuzo, ngenxa yokuthi i-motor yayo kagesi iyazenzela lokhu. Ngenxa yokusebenzisa kwayo ugesi, ivikela imvelo igcine nomoya uhlanzekile, kanti ayinayo imixhantela eminingi engakudida uma usuka emotweni ehamba ngokujwayelekile.
Yini ongeke wayithakasela kulolu hlobo lwemoto? Ukusebenza kwayo ngogesi kunesikalo ngenxa yokuthi iyazishaja, kanti umsebenzi kagesi kwi-HEV, wukusiza injini kaphethiloli ngenxa yobuncane
be-battery yayo.
Ayiwongi uphethiloli njenge-PHEV njengoba yethembela kakhulu kuphethiloli, ikakhulukazi ezintabeni nasezindaweni ezidinga amandla athe xaxa.
Ezimotweni ezingama-HEV, singabala iToyota Corolla Cross Hybrid, iToyota RAV4 Hybrid ne-Haval Jolion Pro Hybrid
Kunomehluko phakathi kwePhev plug in Hybrid
Nakuba i-PHEV nayo isebenza ngogesi nophethiloli, umehluko ngayo wukuthi ine-battery enkulu, okwazi ukuyishaja nasodongweni nasegalaji elishaja imoto kagesi.
Injini yayo ihamba ngogesi ibanga elide, kanti uma i-battery kagesi iphela, yilapho kungena khona injini kaphethiloli, nokuthi-ke ube usuyishaja ngokuxhuma odongeni.
Okwenza i-PHEV ibe ngcono kunezinye yilokhu: Ungayishayela ibanga elide ngogesi nje kuphela, okulinganiselwa emakhilomitheni asukela ku-50 aya ku-120.
Uma ukukhuthalela ukushaja njalo, kayiwudli uphethiloli, kanti awubi nalo ixhala ngebanga nangokudla kwayo uphethiloli.
Okuyiwinisa kakhulu wukuthi uhamba ukhululeke nasezindleleni zakho zansuku zonke.
I-Phev ibiza okuthe xaxa uma uyiqhathanisa neHev
Okumele ukuqaphele futhi ukwazi ngezingqinamba ongaba nazo nge-PHEV, wukuthi ibiza okuthe xaxa uma uyiqhathanisa ne-HEV.
Iyakuphoqa ukuba seduze namagalaji anamaphampu kagesi noma uyishaje endlini ngogesi wakwakho.
Okunye wukuthi iyaye ibe nesisindo esiphezulu ngenxa yobukhulu be-battery yayo.
Uhlobo lwezimoto ezikulo mkhakha wama-hybrid ngama-Omoda C7 SHS PHEV, Jaecoo J7 SHS PHEV ne-BMW X3 xDrive30e.
Uma ubheka indlela abashayeli bakuleli abasebenzisa ngayo izimoto ngokwezidingo zabo, i-PHEV iya ngokuthakaselwa ngabaningi, ngoba isiza ezindleleni zabo zaphakathi nesonto, ezimfushane.
Ezindleni ezinde ezijwayele ukuba ngezimpe- lasonto, bakwazi ukusebenzisa uphethiloli osiza bonge ephaketheni.
Ngakho isinqumo ngohlobo lwe-hybrid olukhethayo lumayelana nezindlela zakho ozihambayo nebanga lazo.