12 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
Ezempilo
Menzi Jele
Uma ungumuntu ohlale ehambela amazwe, qikelela ukugomela uvendle ungakaluthathi uhambo
SIYABULALA isifo sovendle uma singagonyelwanga.
ISIFO sovendle (Poliomyelitis), siyingozi ngoba uma singagonyelwa, siyabulala.
Lesi yisifo esandile emazweni ase-Afrika, iMelika, yi-Asia naseMiddle East.
Isifo sovendle kuthiwa sidalwa ngamagci- wane anamandla, futhi ayingozi.
Kuthiwa la magciwane athi uma esengenile ahlasela emzimbeni womuntu, adlavaza imizwa yomgogodla (spine) nobuchopho (brain cells).
Umuntu ohlaselwe yilesi sifo, izicubu zomzimba wakhe ziyaqina, kwesinye isikhathi ahluleke wukuphakamisa izingalo nezinyawo, ahambe sengathi uyaqhuga. Izicubu zomzimba nemithambo kusuke sekugoqene.
UMA une-polio, uhamba kabuhlungu, kube nzima nokuphakamisa izinyawo. Kuthiwa imisipha iyagoqana.
Ukuphefumula kanzima
Umuntu ophethwe yisifo sovendle uphefu- mula kanzima, omunye agcine ngokushona.
Abazali bayakhuthazwa ukuba bagome izingane zisencane, ngoba ikhona imijovo nemigomo evimbela amagciwane angadala isifo sovendle.
Abantu abahamba amazwe ahlukene ngenxa yomsebenzi namabhizinisi, bayelulekwa ukuba basigomele isifo sovendle bengakaluthathi uhambo.
Ongakuqaphela uma uhlaselwa yisifo sovendle
Ngokwesikhungo iMayo Clinic, nakhu okufanele ukuqaphele okuyizinkomba zokuthi isifo sovendle siyakunyonyobela.
Uma uzibona lezi zimpawu, sukuma ngokushesha uye esikhungweni sezempilo noma kodokotela.
- Uma ugodola yize ilanga lishisa.
- Yikhanda elinkenkethayo izinsuku ezimbili kuya kwezintathu linganqamuki.
- Wukuba buhlungu kwezicubu zomzimba.
- Wukuba nezilonda emphinjeni, ugwinye kanzima ukudla.
- Wukukhishwa isisu.
- Wukungakuthandi ukudla (ukuba nenhliziyo emnyama).
- Wubuhlungu entanyeni.
Nazi ezinye zezinto ezingadala uvendle
- Wukungazigezi izandla ngaphambi kokudla.
- Wukuphuza amanzi angcolile.
- wukubhukuda esizibeni noma kwi-swimming pool enamanzi angcolile.
- Wukudla ukudla okubolile noma osekuphelelwe yisikhathi
UKUPHUZA amanzi angcolile kunomthelela ekuphathweni yisifo sovendle.
Okufanele ukwenze ukugwema lesi sifo
Kuthiwa izingane imigomo eziyinikezwa zisencane, mazingayeqi, mazigonywe zize zifike eminyakeni ebekiwe.
Uma ungumuntu ohamba amazwe, thola imigomo ngaphambi kokuhamba, futhi yazi amazwe avama ukuba nesifo sovendle.
Izimpawu zokungenwa yisifo sovendle, ziqala sengathi wumkhuhlane. Phuthuma esikhungweni sezempilo nakodokotela zisaqala izimpawu.
Ukusondelana nomuntu onesifo sovendle kungakwenza nawe ukuthi utheleleke.
Ulwazi lucashunwe kwiMayo Clinic
ne-Cleveland Clinic.
menzi.jele@ilanganews.co.za