06 | Izindaba

Friday, 03 July 2026

Kuboshwe inqwaba ephambane nomthetho kubhikishwa


UNtuli uthi bazolufakela izibuko olwamabhizinisi amancane, aqashe abokufika

Image

NGUNDUNANKULU wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli. 

Thokozani Ndlovu

KUBOSHWE abantu abawu-51 KwaZulu-Natal, abaphambane nomthetho emibhikishweni ebekuhloswe ngayo ukuxosha abafike ngokungemthetho eNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, esithangamini sabezindaba emahhovisi kaNdunankulu eThekwini, izolo ngoLwesine.

Uthe kwabokufika kuboshwe abawu-250, okutholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

"Imibhikisho ibihlukene amahlandla awu-20. Awu-10 kuwona, yiwona abe nezinkinga, kanti awu-10, ahambe kahle aba nokuthula.

"Kwabebebheke ukuthi kube nomonakalo omkhulu, badumele ngoba akuhambanga ngendlela abebefisa ngayo.

Image

NGUNKK Jacinta Ngobese-Zuma, ongumsunguli nomholi weMarch and March.

"Sisazoqhubeka nokungenela amabhizinisi, sibheke ukuthi kawabaqashile yini abokufika abangenamaphepha.

"Nabaqashi bayaboshwa uma bephambana nomthetho, kodwa isigwebo sabo siba sincane, okuyinto esikhalisayo," esho.

Uthe basazowuletha umbiko othinta ezomnotho njengoba bekunemibhikisho.

Ngokunjalo nemibhikisho esazoqhubeka
yeMarch and March njalo uma kuwuLwesi- ne, uthe bazoyeseka ukuqinisekisa ukuthi bayahamba abokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

Emabhizinisini amancane, uthe nawo bazowabheka njengoba kukhona abebeqa- shise ngezitolo zabo esezisele dengwane, njengoba bengasekho abokufika kuzona.

UNtuli ubonge ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa nazo zonke izinhlaka ebeziyingxenye yezokuphepha, ukuvikela izwe.

Ubonge nomsebenzi wamaphoyisa athe asebenze ngokuzinikela ukuvikela izwe njengoba bekunemibhikisho.

UKhomishana wamaPhoyisa obambile KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba, uthe bazobe bekhona emibhikishweni esazoqhubeka, ukuqinisekisa ezokuphepha.

Uthe njengoba kuthiwa kunezidakamizwa ezifihlwa ngaphansi kwesichuse seSilo uShaka kaSenzangakhona, esiKwaDukuza, ucela kulethwe ubufakazi emaphoyiseni, wathi bazokubheka konke lokho.

Unxuse ukuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa, ukuqinisekisa ukuthi kubanjwa izigilamkhuba.