03 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
Ngabaculi be-gospel abasongelwayo emuva kokweseka abeMarch and March. Ngakwesobunxele ngu-Ayanda Ntanzi, abangekwesokudla nguMalusi Mbokazi ophambili, noNtokozo Ngongoma, ongemuva.
Lucky Cain
BAZITHINTELE izibonkolo abaculi beGospel, ababonakale beseka umkhankaso weMarch And March olwa nabokufika kuleli ngokungemthetho kwimashi ebingoLwesibili, eThekwini.
Ngemuva kokubonakala kwabo kule mashi, balandelwe yizinsongo zokuthi ngeke besaqashwa emicimbini nasemabandleni ahlukene ukuzonandisa.
Abaculi ababonakale kule mashi nguNtokozo Ngongoma, uMalusi Mbokazi no-Ayanda Ntanzi.
Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, kunabefundisi nabanye abaholi abebengahambisani nokuthi babe yingxenye yale mashi.
Ngumculi we-gospel uNtokozo Ngongoma.
UNtokozo ukuphumela kwakhe obala ngokweseka lo mkhankaso, kugcine kuholela ekutheni ahoxiswe emcimbini waseNigeria wokuklomelisa abaculi obizwa ngeClima Africa, lapho ebeqokwe khona emunxeni weSouthern Africa Artist of the Year.
Ekhuluma naleli phephandaba, uthe akazisoli ngokuphumela obala ngokweseka lo mkhankaso.
"Ngaphambi kokuba ngumculi we-gospel, ngingumuntu ophila eNingizimu Afrika, obhekana nazo zonke izinkinga umuntu wakuleli ahlangabezana nazo. Ngakho akukho okunye ebengingakwenza ngaphandle kokuthi ngime nabantu bakuleli uma belwela izwe labo, okuyizwe lami nami," kusho uNtokozo.
Uthe ukukhishwa kwakhe kulo mcimbi wokuklomelisa, akuthi shu kuyena kunezwe aphila kulona.
"Engikuqaphelile ngabahleli balama-award, bafuna ukusabalalisa okuthandwa yibona ngezwe lethu, ngakho bengingeke ngikuvumele lokho. Baqale bangigxeka ngokubhala enkundleni yokuxhumana uvo lwami ngabokufika abakuleli ngokungemthetho, ngabona lapho ukuthi banenkinga, ngabe sengizicelela ukuhoxa," echaza.
Uthe okumdumazile wukuthintwa ngabanye babafundisi bakuleli, bemnxenxa ukuthi aziqhelelanise nale mashi.
Uthi ubashaye indiva laba bafundisi, waqhubeka nokweseka lo mkhankaso.
UMalusi naye uhambe emazwini kaNtokozo ngokuthi ungowaseNingizimu Afrika, futhi ngeke akwazi ukuphambana nezimfuno zabantu bakuleli. Uthe naye kukhona abamthintile, bemnxenxa ukuba aziqhelelanise nale mashi njengoba abanye baze bamsabisa ngokuthi ngeke besamqasha emicimbini yabo, uma ebonakala eseka lo mkhankaso.
"Ngilapha ngikhona ngokwesekwa ngabantu baseMzansi, ngakho nami ngiyingxenye yabo futhi izinkinga ababhekana, nazo nami ziyangithinta," kusho uMalusi oveze ukuthi kukhulu ukwesekwa akuthola kubantu, njengoba kuza umcimbi wakhe ozoba ngomhla ka-5 kuSeptember nonyaka e-ICC.
"Noma bengingenzeli lokho kodwa ngiqhakambisa ukuthi akulula ukuthi ngihambele kude nabantu abayingxenye yokuphila kwami," kusho yena.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi u-Ayanda Ntanzi ongomunye wabaculi ababe yingxenye yokweseka lo mkhankaso, naye khona abebengahambisani nokuthi aweseke.
Imizamo yokuthola lo mculi iphunzile, njengoba kuvele ukuthi umatasa, ulungiselela umcimbi wakhe ozoba ngomhla ka-11 kwephezulu khona e-ICC.