17 | Ezemidlalo

Friday, 03 April 2026

UWilliams akawuvali umlomo ngozakwabo kwiBafana Bafana


Ucishe waliyeka ibhola eminyakeni emithathu edlule

Image

NGU-OSWIN Appollis noThemba Zwane beBafana Bafana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

AKAWUVALI umlomo ngomdlali weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana - ehlulwe yiPanama ngo-2-1 kowobungani ngoLwesibili eDHL Cape Town Stadium -  unozinti wayo, uRonwen Williams.

UWilliams uthi kuyamumangalisa okwenziwa ngu-Oswin Appollis (24), odlala esiswini kwiBafana nakwi-Orlando Pirates, ekubeni uke wacishe wayeka ibhola kumasizini ambalwa edlule.

Image

NGU-RONWEN Williams.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

"Udaba lwakhe luyamangalisa, kalukholakali uma ubuka indlela enza ngayo njengamanje.

"Eminyakeni emithathu eyedlule, ubengenakilabhu, ebhekene nobunzima, kangangoba ucishe waliyeka ibhola. Ngibe nezingxoxo eziningana naye ngimkhumbuza ukuthi sisukaphi.

"Ukumubona ela ekhona manje, kuyamangalisa.
Bengingukaputeni wakhe kwiSuperSport United, ngilwazi njengoba ngizazi usizi lwakhe.

"Ngiyamujabulela ngokwenzeka empilweni yakhe,'' kusho uWilliams.