22 | Ezemidlalo
Friday, 03 April 2026
KULINDELEKE ukuba sisebenze isipiliyoni sikaMakazole Mapimpi - ophethe ibhola - uma oShaka sebegadulisana neConnacht koweChallenge Cup. Lapha uphelezelwa nguPhepsi Buthelezi (okwesobunxele) noJurenzo Julius, abalimele.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
SAZI M
UBONA ukulimala kwabadlali abayizinsika eqenjini lakhe kuyisivivinyo kulona uJP Petersen ongumqeqeshi weHollywoodbets Sharks, ezobhekana neConnacht yase-Ireland kwiLast 16 ye-EPCR Challenge Cup ngoLwesihlanu ngo-21h00, ekuhambeni.
ISharks iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu emuva kokunqoba imidlalo emibili ye-United Rugby Championship (URC) ilandelana.
Iqale ngokubhudluza iMunster yase-Ireland ngo-45-0, yalandelisa ngeCardiff yaseWales, eyehlule ngo-21-15.
“Ukulimala kwabadlali kuyisivivinyo eqenjini, futhi kunika abanye ithuba lokuziveza,” kusho Pietersen.
Yize iSharks ibhekene nenkinga yakuba nenqwaba yabadlali abalimele - iningi labo abawumgogodla weqembu - kodwa uPietersen ukwazile ukuqoka iqembu eliqinile ukubhekana neConnacht.
NGU-EBEN Etzebeth obuya ekumisweni amasonto awu-12 engabonakali enkundleni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Kuleli qembu kubuye isilomo samaBhokobhoko, u-Eben “Elizabeth” Etzebeth, obemiswe amasonto awu-12 emuva kokuhlawuliselwa icala lokukopolota u-Alex Mann esweni ngoDecember nyakenye, ngesikhathi AmaBhokobhoko enabisa iWales ngo-73-0 koweCastle Lager Outgoing Tour.
UPietersen uzwakalise injabulo ngokubuya kuka-Etzebeth, njengoba ethi unethemba lokuthi uzokuba wusizo eqenjini lakhe.
Abanye abadlali abayithemba likaPietersen kulo mdlalo, ngu-Ox Nche, uMakazole Mapimpi, nguVincent Koch, kanti ebhentshini ucuphe ngo-Ethan Hooker noVincent Tshituka - bonke abangamaBhokobhoko.
Kubadlali abalimele, kukhona uPhepsi Buthelezi ophenduke iqhawe - eshaya ama-try amabili ngeledlule - ngesikhathi oShaka behlula iCardiff, kanti uvule inkundla, eshaya eyokuqala kwawu-7, belobola iMunster.
OShaka bagijima umdlalo weChallenge Cup nje, eye-URC isathe gozololo, izoze ibuye ngempelasonto yomhla ka-17 kuya ku-18.
Selilonke iqembu leSharks elizobhekana neConnacht, limi kanje:-
1. Ox Nche
2. Eduan Swart
3. Vincent Koch
4. Eben Etzebeth
5. Deon Slabbert
6. Tino Mavesere
7. Jannes Potgieter
8. Nick Hatton (C)
9. Ross Braude
10. Jean Smith
11. Makazole Mapimpi
12. Marnus Potgieter
13. Le Roux Malan
14. Edwill van der Merwe
15. Hakeem Kunene
Abasebhentshini:
16. Ethan Bester
17. Lee-Marvin Mazibuko
18. Mawande Mdanda
19. Corne Rahl
20. Vincent Tshituka
21. Ceano Everson
22. Siya Masuku
23. Ethan Hooker