13 | Izindaba  

Friday, 03 April 2026

Ishaye izule: Zandile Tembe

Ukwenyuka kukaphethiloli kudinga umthengi ozokhalipha


Abathengi bazophoqeleka ukunciphisa kwezokungcebeleka, ukuze bafeze izidingongqangi zansuku zonke.
Image

UKUTATAZELA nokukhala ngenani lokwenyuka kukaphethiloli, kudinga ukushintsha kokwenza ukuze kungazweli kakhulu.

Ukwenyuka kukaphethiloli nodizili okuqale kuyo lenyanga, kunyuse amaphaphu kubathengi abaningi.

Njengokubhala kwethu kule ngosi, inani likaphethi- loli lizoba nomkhulu umthelela, hhayi kwabanezi- moto kuphela, kodwa kuwona wonke umuntu,
nakuzona zonke izinhlaka.  

Lokhu kudinga ukucabanga nokushintsha indlela esiphila ngayo, nezinqumo esizithathayo ngephakethe.  

Uphethiloli unyuke ngo-R3.06 ilitha, kanti udizili wona unyuke kusukela ku-R7 kuya ku-R10 ilitha.  

Njengoba sasibikile ngeledlule, lokhu kuwumthelela wezidubedube zaseMiddle-East, eziphoqe ukuba umgqomo owodwa kawoyela ubize ngaphezulu kwamadola awu-100 aseMelika.

Bheka ukuthi yikuphi ongakushintsha ukuqinisa amatomu, ungazitholi unengcindezi enkulu

Lokhu kwethuse abashayelli abaningi ngesikhathi kukhishwa lesi simemezelo, okwenze banikela emagalaji ukuyogcwalisa, yize vele usuke usazobhekana nenani elisha.

Yingakho-ke kubalulekile ukuthi uma kuba nezigunquko ezithinta iphakethe lakho, ungagxili ekutatazeleni, kodwa bheka ukuthi yini ongayenza ukuze isimo singakufakeli ingcindezi enkulu.

Okubalulekile wukusebenzisa le nyanga ka-April, eyisibonelelo sesikhashana kubathengi, sokunciphisa ilitha ngo-R3, ukuqhamuka namacebo aya phambili.

 Bazogqilazeka kakhulu abashayeli bamaloli njengoba esebenzisa udizili

Image

ABALIMI bazoshayeka kakhulu ngodizili njengoba besebenza kakhulu ngawo embonini yabo.

Lesi sibonelelo sikahulumeni, ngesokunikeza umthengi ithuba lokuzifundisa ukuqinisa amatomu, ngoba abezomnotho bakubona lokhu kusayisiqalo.

Uma iqhubeka impi, lizophinde linyuke inani likaphethiloli.  

Nakhu-ke okumele umthengi akwazi ngokugqoza kokutholakala kukaphethiloli, okuphoqa ukunyuka kwenani lawo: -


Ukunyuka mawala kwamanani – ukudla, nezidingo zansuku zonke zabathengi, kuzoshaya imali engenayo ikhaya nekhaya


Ezolimo – abalimi bazoshayeka kakhulu ngodizili njengoba besebenza ngawo kakhulu embonini yabo.


Ezokuzijabulisa – abathengi bazophoqeleka ukunciphisa kwezokungcebeleka ukuze bafeze izidingongqangi.

Lokhu kusho ingcindezi ekuphileni impilo ebhalansile, nabantu bakwazi ukushaywa wumoya.


Ezokuthutha – amatekisi namabhasi nezithuthi ezizimele (e-hailing) zizophoqeleka ukunyusa amanani.

Ukuhlela izindlela – ukuphuma noma yikanjani ngemoto kuzomele kunciphe, ngenxa yokuthi uhambo ludla ephaketheni.  

Okuzokhomba ukuthi uma uzoba nohambo, zihlanganise zonke izindlela zakho ukuze wonge uphethiloli.

Ukuhlanganyela nosebenza nabo noma ofunda ngandawonye nabo (carpooling) – lokhu kusho ukuthi uma nihlala ngandawonye, ningasebenzisa lelisu nishintshashintshane ngezimoto ukuze ijoka lehle komunye – lokhu kunciphisa nesiminyaminya emgwaqweni.

Lesi sikhathi sibiza ukusebenzisa ubuhlakani, hhayi ukutatazela noma ukuthatha izinqumo ngamawala.

Abathengi kuzomele bazithibe kokuningi, babambisane ukuze ukunyuka kwentengo kaphethiloli kungabi nemithelela enqala.