11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 03  April  2026

 Hhola Mntwana!

Sengivele nganyukelwa yihayihayi, sipatsha 🥵🥵🥵

Image

Awuuuh kodwa madoda! 🥵🥵🥵 Sengivele nganyukelwa ihayihayi uma ngibona imbali enhle kanje! Nkosazane khuluma, ugeza ngobisi noma ugeza ngeshampompo. Ngitakule ntombi, nayi inhliziyo yami isiyangidayisa, isinamathelele kuwe. 

Image

Lesi sipatsha nguVerronicah Sidika oziteketisa "ngelikaQueen Vee Bosset" ezinkundleni zokuxhumana. Yimbali yaseMombasa, eKenya le. Yintokazi edumile njengoba ingumlingisi futhi inokubonakala kuma-video ezingoma zabaculi. Ayikufihli ukuthi iyazifela ngesaka lemali, nokuvakashela amazwe.

Image

Angikusho ntombi ukuthi usungikhiphile emudini yePhasika. Sengicabanga nokuthatha i-walkathon, ngiwele imifula nemifudlana 🏃🏿‍♂️🏃🏿‍♂️ngizodelisa inhliziyo yami eKenya. Akusavumi ngithule, ngizizwa selokhu ngingalokhu ngibabazile, ngincinciza ngedwa.