09  | Izindaba

Friday, 03 April  2026

Izinkolelo zacishe zamvimba ekufezeni iphupho lakhe...

 Intokazi engumtshuzi ifisa abamnyama bangene kulo mkhakha


Ngenxa yokungabi nayo imali yokuqhubeka nokufunda, ingene ohlelweni oluyifundise ukubhukuda...
Image

Thandi  Zondi

IZINKOLELO zicishe zamvimba ekufezeni iphupho lokuba ngaphansi kwamanzi, umtshuzi osemncane uNkz Nombuso Qwabe (21) waseThongweni, eMbazwana.

Le ntokazi esingumpetha wokutshuza ngaphansi kwamanzi ithi: "Umama wayehlezi ethi kunenyoka ethatha abantu ngaphansi kwamanzi. Lokhu kungenze ngawasaba, futhi ngawahlonipha amanzi," esho.

Uthi ngenxa yokungabi nemali yokuqhubeka enyuvesi, ugcine esengena ohlelweni olungaphansi kweNature, Environment and Wildlife Filmmakers (NEWF) okuyilo olumsize ukuthi abe ngumtshuzi. Lapho eqale khona ngesitifiketi se-Open Water, waqhubeka wenza ese-Advanced Open Water, eseRescue njengoba eseyiDive Master.

Image

NGUNKZ Nombuso Qwabe ongumtshuzi wangaphansi kwamanzi.

Uthi uqale ukubhukuda ngoMashi wangonyaka owedlule, ngaphambi kwalokho wayengakwazi ukubhukuda. Nakuba kunjalo uthi bukhona ubungozi bamanzi uma ungezukuwahlonipha. 

"Ukubuka udadewethu nsukuzonke ebuya olwandle, bekungenza ngibe nentshisekelo yokwazi ukuthi kwenzakalani ngaphansi kwamanzi. Ubebuya asitshengise izithombe ezinhle zezinto ezingaphansi kwamanzi okuyizimbali nezilwane ezihlala khona," esho.

Elandisa ngobuhle abuthole ngaphansi kwamanzi nomuzwa oba khona, uwuchaza njengongefaniswe nalutho.

Image

UNkz Qwabe uthi ufisa abazali bangagxili kuphela ezintweni ezifundelwa enyuvesi.

"Kwesinye isikhathi uhlala ekhaya ngoba ungenayo imali yokuqhubeka nokufunda kanti zikhona ezinye izinto ezingakuphilisa. Njengoba kwenzeka nakimina, ngiyafisa nabanye abamnyama bangene kulo mkhakha," kuchaza le ntokazi ethi ifisa ukuba yi-lifeguard.