06 | Izindaba
Friday, 03 April 2026
UMnu Xolani Mcineka weMpucuzeko nomculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, bevakashele ingqwele endala yalo mculo, uWashesha Sithole, eMtubatuba.
Babuyisa ingqwele endala kamaskandi emculweni
Mthobisi Sithole
BABUYISA ingqwele endala kamaskandi emculweni, ebifadalele ngenxa yokuwa kwezinkampani ezinkulu zomculo eminyakeni edlule.
Umhleli womcimbi kamaskandi iMpucuzeko Maskandi Festival, owenzeka minyaka yonke, eThekwini, uMnu Xolani Mcineka, benomculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, bazibophezele ukulekelela uWashesha Sithole odabuka eMtubatuba, owayedume eminyakeni edlule, kusukela ngo-1980 kwaze kwaba wu-2009.
Bathi bazoshaya iphakethe labo, bambuyisele emculweni kuwona lo nyaka. Bathembise ukukhokhela zonke izindleko zokuqoshwa komculo wakhe omusha.
Le ngqwele iqale ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi iveza ukuthi isenothando lokucula, kodwa isimo semali asivumi.
UMcineka uthe njengoba iMpucuzeko Skills Development and Training, yasungulelwa ukuthuthukisa amaciko, uzoqinisekisa ukuthi leli ciko uyalilekelela.
"Kungithintile emoyeni wami ukubona ubaba onekhono elimangalisa kangaka, ehlezi nalo ekhaya, ekubeni ekhona amandla okuthi simlekelele, afeze izifiso zakhe.
"Ngizokhipha imali ngimkhokhele estudiyo, aqophe umculo wakhe. Nginethemba lokuthi uhulumeni uzomnikeza amathuba omsebenzi uma kunemi- cimbi ukuze naye aziphilise nomndeni wakhe," kusho uMcineka.
Uthe nasemcimbini weMpucuzeko kulo nyaka, uzonikezwa ithuba lo mculi. Uthe nakuba umculo usushintshile kule minyaka ngokwesitayela esiculwayo, kodwa ushuni oculwa nguWashesha unethemba lokuthi uzodlisela kubathandi bomculo.
"Ubaba uWashesha usekhulile ngoba useyihlanga- nisile iminyaka engaphezulu kuka-60 yokuzalwa, kodwa iphimbo lakhe kungathi ngelensizwa esakhulayo," esho.
UKhuzani uthe naye uzophosa esivivaneni. Uthi wayewuthanda umculo kaWashesha naseminyakeni edlule.
"Umculo wakhe besiwuthakasela kakhulu. Ikhono elikhulu kangaka, akufanele lishabalale," kusho uKhuzani.
Ngesonto eledlule bavakashele lo mculi, bafika bamshiyela isipho sensipho, okuyimali engango-R20 000.
Ephawula ngalokhu uWashesha, uthe ubesecaba- nga ukuthi kuphelile ngesiphiwo sakhe.
"UNkulunkulu usebenza emfihlakalweni.
Namanje ngisashaqekile ukuthi lokhu obekungiqwashisa ebusuku, sekuzofezeka," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za