04 | Izindaba
Friday, 03 April 2026
Kulobe: uLucky Cain
Ezemisakazo
Le nkakha isizakhele udumo ngephimbo layo njalo ngamaSonto kulesi siteshi ngohlelo lwayo olubizwa ngeSounds And Stuff Like That...
INHLANGANO yezokusakaza eNingizimu Afrika iSABC, izobungaza inkakha yomsakazi weMetro FM, uWilson B Nkosi, ngokudlala isiqophamlando sempilo yayo njengoba izobe igubha iminyaka ewu-40 isemkhakheni wezokusakaza ngoSeptemba nonyaka.
Le nkakha esizakhele udumo ngephimbo layo njalo ngamaSonto kulesi siteshi ngohlelo lwayo olubizwa ngeSounds And Stuff Like That, izobe igubha le minyaka isakaza ngaphandle komkhawulo kwiMetro FM, njengoba ibalwa nabasakazi bokuqala abasakaza ngesikhathi iqala emoyeni
ngo-1986.
I-SABC iveze ukuthi izobungaza lo msakazi ngalesi siqophamlando esizobe sikhuluma ngempilo yakhe kusukela ekukhuleni kwakhe, kuya eqala ukusakaza eneminyaka ewu-19 ubudala, kanjalo nangohambo lwakhe kulo mkhakha, okuhlanganisa nalabo abadlale indima emqoka ukuhluza ukucabanga kwakhe.
Echaza ngohambo lwakhe kwezokusakaza uNkosi, ubonge labo abathatha amashansi ngaye, bamnika ithuba lokufezekisa iphupho lakhe leminyaka.
Kulo mkhakha uNkosi useke wahlonishwa ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzo amaLifetime Achievements Awards amabili emicimbini yokuklomelisa, oweSouth African Voice-Over Awards noweGQ Men of the Year, neminye imiklomelo ehambisana neqhaza lakhe kulo mkhakha.
Ngokusho kweSABC, lesi siqophamlando ngeke sigcine ngokubungaza impilo yalo msakazi kuphela, kodwa sizokhuthaza labo abeza ngemuva kulo mkhakha njengoba, sizoqhakambisa ukuzinikela nokuzibophezela kukaNkosi kulo mkhakha.
UNkosi uzichaza njengomuntu ojwayelekile.
"Njengawo wonke umuntu nginamaphupho nezifiso zokuphumelela, kanti ukusakaza kungifundise okukhulu ngempilo jikelele," kusho Nkosi.
Kulindeleke ukuba lesi siqophamlando sikhonjiswe ngomhla ka-10 kuNhlaba nonyaka esiteshini iSABC 2, seligamenxe ihora lesishiyagalolunye.
Khonamanjalo ziyaqhubeka izinhlelo ngomcimbi wokuklomelisa abaculi weMetro FM Music Awards, ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini ngomhla ka-25 kwephezulu.
Lo mcimbi uzohambisana nedili lo mculo ozoba seMoses Mabhida People's Park, lapho kuboshelwe abaculi noDJ abahlukene. Kubona kubalwa uKhuzani, uMthandeni SK, Umafikizolo, uBig Zulu, Menzi, uSminofu, uFeza, uYoung Stunna, uTira, uSomizi nabanye.