02 | Izindaba

Friday, 03 April 2026

Ezifingqiwe


Lugobile uphondo kusomabhizinisi 'owanaphaza' uMkhwanazi 


Image

LUGCINE lugobile uphondo kusomabhizinisi waseThekwini, uMnu Calvin Mathibeli (osesithombeni), obebhekene ngeziqu zamehlo noMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, ngemuva kokuba lo somabhizinisi engcolise igama lalo sigaxamabhande wamaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mdonsiswano wasuka ngemuva kokuba uMathibeli enikele ezinkundleni zokuxhumana naseziteshini zikamabonakude, wasola uMkhwanazi ngokusetshenziswa yizikhulu zamatekisi, nabanikazi bezinkampani ezizimele ukulwa naye.

UMkhwanazi wanikela eNkantolo eNkulu yaseThekwini eyofaka isicelo sokuba iphoqe uMathibeli ukuba asuse imibhalo yakhe ezinkundleni zokuxhumana, bese exolisa kuyena.

Inkantolo yasivuma isicelo sikaMkhwanazi, kodwa uMathibeli wasiphonsela inselelo, nalapho wakhala ngaphansi.

NgoLwesithathu, abammeli bakaMathibeli baqinisekise ukuthi ikilayenti labo seliyisusile imibhalo ezinkundleni zokuxhumana.

Bathe ngeshwa, kalinawo amandla okususa inkulumo eqoshiwe, elayenza eziteshini zikamabonakude, kodwa uma lingabizwa isibili kuzona, lingakuhoxisa elakusho ngoMkhwanazi.


UMaMkhize uvimba iSars ngenkantolo ukudayisa imizi yakhe


Image

UBUKEKA usekude ukuphela umdonsiswano weSouth African Revenue Service (Sars) nosomabhizinisi, uNkz Shauwn "MaMkhize" Mkhize (osesithombeni), njengoba esenikele enkantolo ukuzama ukuyivimba ukuba ingayidayisi imizi yakhe.

Kwenzeka lokhu nje, iSars yafaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, icela  imvume yokudayisa imizi kaMaMkhize, ukuze kukhokheke isikweletu sentela, esicela ku-R40 million.

Ngesikhathi ifaka lesi sicelo, yakhala ngokuthi imizi kaMaMkhize iyonakala, futhi yehlelwa yintengo ngenxa yokunganakekelwa, nokukhula kwesikweletu sama-rates nama-levies, ngakho kumele iyidayiswe ukuze kukhokheke isikweletu.

NgoLwesithathu, uMaMkhize unikele enkatolo eyocela ukuba isicelo seSars sikhishwe ohlwini lwamacala azolalelwa.

Ummeli kaMaMkhize, u-Adv Sinethemba Ndlovu, uthi iSars iyagagamela njengoba le mizi iyizindawo zokuhlala zekilayenti lakhe.

U-Adv Hein Synman SC, omele iSars, utshele inkantolo ukuthi ukudayiswa kwemizi kuzozuzisa uMaMkhize neSars, ngoba yena  akakwazi ukuyigcina isesimweni njengoba ama-account akhe evaliwe.

Ijaji uJacqueline Irene Henriques, lisigodlile isinqumo.


Yizinkulungwane ezizohlomula ngemisebenzi, kubhaliselwa ukuvota


Image

INHLANGANO eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika, i-IEC ithi zilinganiselwa  ku-70 000 izakhamizi ezizohlomula ngamathuba emisebenzi ngempelasonto yokubhalisela ukuvota, esesontweni lesithathu kuJune.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezu se-IEC, uMnu Sy Mamabolo (osesithombeni), ngesikhathi le nhlangano yethula uphawu lwayo olusha, njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.

UMamabolo uthe sebephakathi nalo uhlelo lokuqasha nokuqeqesha abazolekelela uma sekubhaliselwa ukuvota.

Ukhetho lohulumeni basekhaya kulindeleke ukuba lube ngasekupheleni kwalo nyaka, noma ekuqaleni konyaka ozayo, kwazise  isikhathi semikhandlu yomasipala siphela ekuqaleni kukaNovember.

Ngokomthetho olawula ohulumeni basekhaya, ukhetho kumele lube khona ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziwu-90, kuphele isikhathi somkhandlu.

Usuku lokhetho luzomenyezelwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa.


Uhulumeni ukhumbuze abaseNigeria ukuthi bayizivakashi kuleli


Image

UZWAKALISE ukungenami kukahulumeni "ngokugcotshwa" kwenkosi yaseNigeria kuGompo (East London), e-Eastern Cape, uNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli, uNkz Khumbudzo Ntshavheni.

UNkz Ntshavheni ubekhuluma ngoLwesine, lapho eveze khona ukuthi uhulumeni ukubona kuwukwedelela ukugcotshwa kukaSolomon Ogbonna Eziko (osesithombeni nomkakhe).

Ubephawula okokuqala emuva kwezigameko zodlame, ezibheduke e-Eastern Cape, ngesikhathi amalungu omphakathi ebhikishela lolu daba.

"Usiko nemvelaphi yethu, kumele kuhlonishwe, ikakhulukazi yilabo abayizihambi. Ikhabinethi izwakalisa okukhulu ukungenami ngomcimbi obizwe ngokuthi owokugcotshwa kwenkosi, engeyokudabuka eNigeria.

"Siluzwile uxolo lwabo, kodwa kubalulekile ukuthi bakukhumbile ukuthi bayizivakashi kuleli," esho.