17 | Ezemidlalo

Friday, 02 October 2026

Image

NGU-OSWIN APPOLLIS no-Iqram Rayners beBafana Bafana bejabulela igoli likaRayners.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX


OweBafana uhlabeke umxhwele belobola izitha

Leli qembu selizobhekana ne-Egypt kowesihle ngeSonto ekuhambeni

Senzo Sokhela
 
UCHAZWA wukungadlaleli ukuziqhayisa kwabadlali beBafana Bafana uPitso "Jingles" Mosimane, ongumqeqeshi waleli qembu elibukise nge-Eritrea, liyilobola ngo-5-0 emdlalweni ka-group D wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) obungoLwesithathu ebusuku, e-Egypt.

Amagoli eBafana ashaywe nguRelebohile Mofokeng amabili,  uSiphephelo Sithole, u-Iqraam Rayners noLuther Singh.

Image

KUSUKA kwesobunxele; nguKamogelo Sebelebele, nguRelebohile Mofokeng no-Appollis beBafana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IBafana yiyona ehleli phezulu kuleli qoqo ngamaphuzu awu-6, emidlalweni emibili. UMosimane uthi imhlabe umxhwele indlela ezakhe ezigijime ngayo lo mdlalo.

"Umdlalo wethu bewumuhle kakhulu yize izimbangi zisinike ubunzima umdlalo usanda kuqala. Kodwa-ke besizihlele kahle ngoba siwutadishe kahle umdlalo wazo neKenya.

"Okungijabulise kunakho konke, wukuhlohla inqwaba yamagoli, nokuthi siqhubeke sizihloniphe izimbangi zethu, sidlale ibhola eliqondile, hhayi leli eliwukubukisa. Sijabule ngalo mphumela, sesizobhekana nomdlalo wethu olandelayo," esho.

Image

NGUTHEMBA Zwane.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthi kumjabulisile nokubona uThemba "Mshishi" Zwane - ongomunye wabadlali abakhulile kwiBafana - ethola imizuzu embalwa kulo mdlalo.

 Uthi yize ezama ukubafaka abafana abasebancane, kodwa usabadinga nalaba abanesipiliyoni ukubaqinisa ukhakhayi.

Umdlalo olandelayo weBafana ngowesihle lapho izobhekana khona ne-Egypt ngeSonto ngo-20h00 kulo leliya lizwe.