09 | Izindaba

Friday, 02 October 2026

Image

Ushayelwe ihlombe oshiye iNsfas

Kukhuthazwa ungqongqoshe ukuphuthuma avale isikhala sakhe

Thandoluhle Ngubo

USHAYELWE ihlombe yibhodi yeNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas) ngomsebenzi omuhle (awenzile) uMnu Waseem Carrim (osesithombeni) obeyibamba lesikhulu esiphezulu kulesi sikhwama esilekelela abafundi abaqhamuka emindenini edonsa kanzima ngasemalini.

UCarrim - owaqokelwa kulesi sikhundla ngoMarch wonyaka owedlule - ushiyile kulesi sikhwama ngoLwesithathu, emuva kokuqokwa njengesikhulu esiphezulu sakwaRoad Accident Fund.

Ngokwesitatimende sebhodi, uCarrim “ufike kulesi sikhwama kusenzima”.

Sithi ngesikhathi efika, ukusebenza kweNsfas kwakulinganiselwa ku-40% noma ngaphansi, okuyinto eyase yenzeke iminyaka ewu-5 ilandelana.

“Ngonyaka owodwa nje, wakukhuphula kwafinyelela ku-64%. Lokhu sikubone ngokwehla kwemibhikisho yezikhungo zemfundo ephakeme, lapho kusuke kukhalwa ngeNsfas.

"Akagcinanga lapho, uqinisekise ukuthi izinkinga ebezikhona phakathi kwesikhwama nezikhungo zemfundo ephakeme, ziyaxazululeka," kusho isitatimende.

Liqhuba ibhodi, lithe maduze nje, uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela, uzomemezela uhlelo olugcwele lokuzokwenzeka kulesi sikhwama.

Ilungu le-DA elibhekelele imfundo ephakeme ephalamende, uDkt Delmaine Christians, lithe uManamela kumele aphuthume ukuvala isikhala sikaCarrim njengoba kulindeleke ukuba iNsfas iqale umsebenzi wayo wonyaka wemfundo ka-2027 phakathi nale nyanga.

Uthe unethemba lokuthi kuzoqokwa umuntu onezimfanelo ezifanele ukuhola lesi sikhwama.