08 | Izindaba 

Friday, 02 October 2026

Image

YINKOSI uMangosuthu Buthelezi okuzoba nesifundo ngayo.

Kwethulwa isifundo ngamagalelo kaShenge

Menzi Jele

ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology (MUT), sihlele isifundo esizogqamisa, futhi sikhumbuze ngamagalelo omsunguli waso, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhinda-ngene).

Isifundo sizoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoMgqibelo.

UMnu Zwelakhe Mnguni ongumsunguli noMqondisi weBonguela Global Fund Managers, nguyena ozokwethula isifundo ngoMntwana waKwaPhindangene.


Image

Ngo-1974, uShenge  wakhuluma nomngani wakhe owayengusozi- mboni, uMnu Harry Oppenheimer, emnxusa ukuba axhase ukuze kwakhiwe isikhungo esizofundisa izifundo zobuchwepheshe nezobunji-niyela, eMlazi.

UMnu Oppenheimer wawuthanda umbono kaShenge, wayikhipha imali yokwakhiwa kwesikhungo.
Ngo-1979, sasesiphelile ukwakhiwa, kwaqala ukufundwa khona, njengoba sasakhiwe eMlazi.

Minyaka yonke iMUT izokhumbula amagalelo kaShenge ngoba ayifa

UDkt Oscar Dhlomo nguyena owaphakamisa ukuthi lesi sikhungo semfundo, siqanjwe ngaye uMntwana waKwaPhindangene, ngoba saqala saba yiMangosuthu Technikon, njengoba sesibizwa ngeMangosuthu University of Technology.

Yisikhungo lesi esikhiqize onjiniyela abahlonishwayo emazweni omhlaba. Umphathi weMUT, uSolwazi Rashiella Songca, uthi minyaka yonke isikhungo sizowakhumbula amagalelo omsunguli waso, ngoba washiya ifa langunaphakade.
menzi.jele@ilanganews.co.za