05  | Izindaba

 Friday, 02 October 2026

Indida ngokufa kwesitshudeni 
saKwaNongoma saphoswa ehlathini 

Udadewabo kamufi uthi ugcine ukukhuluma naye ngempelasonto...

Kwenzeka lokhu nje, sikhulu isikhalo ngokubulawa kwabesifazane kuMasipala waseKurhuleni, eGoli...

Image

Nhlanhla Hudla

USABAMBE ongezansi umphakathi waseBadlaneni, KwaNongoma kulandela isigameko sokubulawa kwesitshudeni saseMthashane TVET College, esitholakale ehlathini elibude buduze naleli kolishi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, isidumbu
sikaNkz Xolile Jele (30), obenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Electric Engineering kuleli kolishi lamakhono, sitholwe ngoLwesithathu ekuseni, ehlathini.

Ngokusho kwamalungu omndeni akhulume naleli phephandaba, nakuba umufi ebezifela ngokuhamba izindawo zobumnandi kodwa ubesezama ukuzakhela ikusasa njengoba ebeyisitshudeni.

Udadewabo kamufi uNkz Phumzile Jele, uthi bafe olwembiza ngokubulawa kukadadewabo.

"Akukho okuningi esingakusho ngoba asazi ukuthi kwenzekeni eze ebulawa kabuhlungu kangaka. Ngigcine ukukhuluma naye ngempelasonto edlule ezongiphathisa izinto zasekhaya. Ngalolo suku wayengahlalisekile, kungathi kukhona ayekuphuthuma.

"Asihlalanga naye isikhathi eside. Lokhu kwangishiya nemibuzo eminingi ngoba ubengeyena umuntu ongahlaliseki noma ngabe ukusiphi isimo. Kulesi simo kasazi noma umenzi wobubi ngabe umthathe endlini abeqashe kuyo eduze nekolishi noma umthole endleleni eya noma ephuma esikoleni.

Image

*Kwenzeka lokhu nje, sikhulu isikhalo ngokubulawa kwabesifazane kuMasipala waseKurhuleni, eGoli okusolwa kukho umalugaju. Kubikwa ukuthi kusuka ngoJuly nonyaka sekubulawe ngendlela efanayo abesifazane abawu-13.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza, usiqinisekisile lesi sigameko. Wathi amaphoyisa aKwaNongoma athole isidumbu sowesifazane oneminyaka ewu-30 silahlwe kwaLindizwe, sinamanxeba entanyeni. Imbangela yokubulawa kukamufi ibingakaziwa.