02 | Izindaba

Friday, 02 October 2026

Ezifingqiwe


01


Selunqunyiwe usuku lokugcina lokusebenza komazisi abayibhukwana

Image

UMNYANGO wezaseKhaya usubeke umhla
ka-31 kuMarch ku-2028, njengosuku lokugcina lokusebenza komazisi abangamabhukwana aluhlaza.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango, uMnu Leon Schreiber ngoLwesine. Uthi omazisi abayibhuku bazogcina ukugaywa ngomhla ka-31 March wonyaka ozayo, kuthi  abanabo banikwe ithuba lokugcina isikhathi esingangonyaka ukwenza abayikhadi (smart ID).

Kuthiwa bawu-14.7 million abantu abasenomazisi abadala, uhulumeni osemkhankasweni wokubaqeda ukuphucula ukuphepha kwezakhamizi.


                  02


Uyenyuka uphethiloli kule nyanga

EZIMBI kubashayeli bezimoto kuleli njengoba kulindeleke ukuba yenyuke intengo kaphethiloli  kule nyanga.

Lokhu kuvezwe ngongoti abangaphansi kwe-Central Energy Fund, abathi abashayeli kumele balindele ukunyuka kwentengo kaphethiloli ngo-R3 ilitha kusuka ngesonto elizayo. Udizili uzonyuka ngo-R2.73 kuya R3.13.

Ukunyuka kukaphethiloli kungenxa yokwehla kwamandla erandi nokunyuka kwentengo
ka-oyela ongahluziwe. Uma enyuka la manani ilitha likadizili lizoba ngaphezu kuka-R32.


03


I-UNISA iqoqe imali yokusiza izitshudeni

Image

ISIKHUNGO semfundo ePhakeme i-University of South Africa (UNISA) ithi iqoqe u-R10 million ohlelweni lwayo lokuqoqa imali yokulekelela izitshudeni.  Lokhu kwenzeke ngoLwesitha- thu, lapho bekuhlangene khona osomabhizinisi, izifundiswa nababambe iqhaza kulesi sikhungo.

Ngokusho kukaSolwazi uPuleng Lenkabula, kuzohlomula izitshudeni eziwu-553.
"Inhloso wukuthi sihlanganise u-R50 million wokulekelela izitshudeni ezingakwazi ukuqedela izifundo zazo. Lokhu kukhombisa ukuthi isikhungo siyikhathalele inhlalakahle yezitshudeni.

"Isifiso sethu wukuthi zonke izitshudeni ezifunda e-UNISA ziziqede izifundo zazo, kungabikhona esizosala ngaphandle ngenxa yokweswela imali," esho.


04


Zizomenyezelwa kabusha izinsuku zabahola isibonelelo

Image

ABAKWA-South African Security Agency (Sassa) babuyekeza izinsuku zokuholwa kwemali yesibonelelo sikahulumeni sangoNovember, njengoba kushayisana nosuku lokhetho lokuvotela ohulumeni basekhaya.

Usuku olwalumenyezelwe phambilini lwabahola isibonelelo sokuphila nokukhubazeka, lushayisana nolokuvota lomhla ka-4 kuNovember.

AbakwaSassa bathi basezingxoxweni nezinhlaka ezahlukene ukuze kumenyezelwe izinsuku ezintsha zokuhola zangoNovember.

ISassa yamemezela ukuthi isibonelelo sabadala sizoba ngomhla ka-3 kuNovember, esabaphila nokukhubazeka sibe ngomhla ka-4 besekuthi  iqolo libe ngomhla ka-5.

"Sizinikele ekukhokheleni umuntu ofanele isibonelelo, endaweni nangesikhathi esifanele," kuchaza uDkt Paseka Letsatsi okhulumela  lo mnyango.