14 | Izindaba
Friday, 01 May 2026
Baphawule kanje abafundi beLanga kuFacebook ngengqephu kaSomizi kumaMetro FM Awards...
Pac Maphanga:
Kodwa MaMpinga ninoMshefane, nithule nithini lapho nikhona?
Aphelele Ngcobo:
Zashoda izinsizwa madoda, engabe abafazi bodlani?
Sipho Originalp Fata Nondaba:
Uma kukhulunywa ngonontandakubukwa, kusuke kushiwo umuntu onje.
Zinhlechamane Bongeka Zinhle Chamane:
Mina ngifuna ukumbona esegugile, esegobile, eseyikhehla eliyiGay😅
Noxy Mlothana:
Izwe lipetukile lidinga amadoda, oSomizi balibele wukulaphuka namakhethini.
Nokuphila Zulu:
USomizi ubemosha indwangu nje bakithi. Wumsila wani lona?
Zinhle Perseverance Ndlovu:
Sebepheleleke abantu uma sekufike oMaNjomane ❤️
Thobile J Mbuyazi:
Hheyi inkosi! OSomizi noSelby bazosibulala isiphambano.
Onikwa Mpumela:
UNgizwe makangasondeli, please.
Queen Malongwe:
Kumele bambize kwiMadlanga ngoLwesibili, ayochaza ukuthi udoti wani lo awugqokile🤣🤣🤣🤣🙆
Mthobisi Fuze:
Ungathi usukume nendwangu ye-decor yetafula leKaizer Chiefs ngephutha.
Ayanda Shandu:
Hhayi ngeke, ngiyahleka mina.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Ayikho kodwa-ke le ayigqokile, noma ngabe ibiza malini 😂😂😂
Zama Maphumulo:
Kodwa yini ngempela ngalo baba. 🤦🏻♀️
Fisani Maka Bandile Mpunzana:
Okwehlela wena mtakaMhlongo... Yikho lokhu okwehlela nenkukhu yangachama💅