04 | Izindaba

Fridayday, 01 May 2026

Image

UMPHAKATHI waseGauteng uphume ngothi lwawo embhikishweni weMarch and March eGoli.

'Ihlasela' izizinda zabokufika iMarch and March


Mthobisi Sithole

UZOQINISWA KwaZulu-Natal naseGauteng umkhankaso wokulwisana nabantu bokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe omunye wabagqugquzeli balo mkhankaso weMarch and March, uNgizwe Mchunu. Uthi njengoba beqale ngoLwesithathu ukugasela eGoli, bayoze bayivale namuhla ngoLwesihlanu. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngesonto elizayo umkhankaso ubuyela eThekwini, bayogasela ePhoyinti.

Image

NGUPHAKEL'UMTHAKATHI noNgizwe Mchunu bekhotha izinsizi emashini yokulwa nenkinga yabantu abakuleli ngokungemthetho eGoli.

"Uhulumeni njengoba ungundazela, ungafuni ukuphumela obala ubhekane nale nkinga esikhala ngayo, sizowenza ukuthi ukhulume. Imiphakathi yakithi ihlukumezekile kakhulu ngokugcwala kwabantu bokufika kuleli zwe, ikakhulukazi abadabuka eNigeria. Laba bantu banemikhuba emibi yokungcola. Izinto abezenzayo bathengisela izingane ezincane izidakamizwa, bazifaka emabhizinisini okudayisa ngomzimba, kuningi okubi abakwenzayo," kusho uNgizwe.

Lo mkhankaso ubusedolobheni eGoli, eDownton, ngoLwesithathu, kanti izolo ngoLwesine bekubhikishelwa eHillbrow. UNgizwe uthe ngeke kubekhona ukuthula kuleli zwe uma uhulumeni ungakazilaleli lezi zimfuno zabahlali. Uthi nakuba ezweni lonke kukhalwa ngesimo esifanayo, kodwa iTheku neGoli, yiwona madolobha ahamba phambili ngesibalo sabantu bokufika abangenawo amaphepha.

Image

NGUNDUNANKULU waseGauteng, uMnu Panyaza Lesufi (ophakathi nendawo) emukela uhlu lwezikhalazo emashini eGoli.

"Akuyona impi encane lena, uma kukhona abacabanga ukuthi siyadlala, bazowubona umvuzo," kusho uNgizwe.

Uthi sekuyisikhathi sokuthi osopolitiki bavele obala ngenkohlakalo abayenzayo yokuvikela abantu bokufika.