11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 01 May  2026

Sikuphathele unobuhle 
ongumlingisi wamafilimu

Wamuhle mbali
yase-Afrika...
 

Hhola Mntwana!

Kodwa my sweety lavoo...

Image

Selivele labuya  ithemba ngempilo uma ngibona ukuqhakaza kwakho, okusho ukuthi uMdali kukhona asangihlelela khona. Noma ngingenakho okutheni, kodwa vuma mbal'enhle ngicubuze amagabadi noma yingoshokoledi. 

Image

Lo nobuhle nguChioma Nwaoha, ongumlingisi wamafilimu eNollywood, eNigeria.
Yintokazi ematasa lena njengoba ingusomabhizinisi, yimodeli ne-influencer. Sengishoda ngezithakazelo ntombi ngabe ngigadla ngazo manje, ngizicubuzele amagabade, kuthi mhla ngifika kwelakini le koLagos noma ko-Abuja lapho oyobe uzithukuse khona, ngifike izinto zami sezilula, sengilethelwa nangethileyi.