09 | Izindaba
Friday, 01 August 2025
NGABANYE babalingisi abazobonakala emdlalweni othi, Uzozisola.
Thandi Zondi
UMDLALO wamaNdiya "akhuluma isiZulu" usuzakhele ugazi ebantwini abaningi abamnyama, ngendlela yokuthi abanye baze bakhale ngokuthi kababe besakwazi ukubuka izinhlelo abazithandayo uma kunelungu lomndeni elizifela ngale midlalo.
I-e.tv yethula okokuqala ngqa umdlalo ofanayo, osihloko sithi, "Uzozisola", ozoqala mhla ka-11 ku-August ngo-8:30 ebusuku.
Lo mdlalo uxoxa ngezinkinga zobudlelwano, ubungani, uthando nokungathembani. Ulandela impilo kaKunal oshade noMauli. Impilo kaKunal ithatha elinye igxathu ngesikhathi eqala ukuthanda uNandini, ongumngani omkhulu wakudala kaMauli, ababemsiza ngesikhathi ebhekene nezinkinga emshadweni.
Bonke lobu budlelwano bubhekana nezinkinga nokuzisola ngenxa yezenzo ezenziwa ngesikhathi sobuthaka.
UHelga Palmer oyinhloko yemidlalo yasekhaya kwa-e.tv, uthi bajabule ngokwethulwa kwalo mdlalo.
"Lo mdlalo ngeke ujabulise ababukeli kuphela, kodwa uveza nezinkinga ezibhekana nomphakathi wamanje, ukukhathazeka ngokomoya, izinkinga zasemshadweni, nokungathembani.
"Uveza kabanzi ukuthi ukungathembani kuqala ebudlelwaneni obuseduze. Sethemba ukuthi ababukeli bethu bazothakasela zonke iziqephu zalo mdlalo," esho.