16 | Ezemidlalo

Friday, 01 August 2025

"Kuketulwa" uMengameli we-ASA ngenxa yezinkinga

Image
Elinye lamashoshozela lisatshiswe ngokumiswa kule nhlangano

NGU-JAMES Moloi

Mzwamandla Zondi

IZINGWAZI zabagijimi zinqume ukuba ehliswe esikhundleni sakhe sokuhola i-Athletics South Africa (ASA) uJames Moloi, ongumengameli wale nhlangano yezokugijima.

Lezi zingwazi bezinomhlangano ngoMsombuloko eGoli, lapho zikhale khona ngezinkinga ezibhekene ne-ASA.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMoloi uqokwe kulesi sikhundla mhla ka-31 kuMay, eqokelwa ihlandla lesibili.

Ungena kulesi sikhundla nje, i-ASA ibibhekene nezinkinga eziqale ukuvela ngesikhathi ivela ephalamende, lapho yagxekwa kakhulu ngemuva kokuba kutholakale ukuthi ihlulekile wukubhalisa inhlangano ngaphansi kweCIPC.

Kwathi uma ibuzwa ephalamande, yadla amazambane ashisayo.
Okwesibili, kuvele izindaba zokuthi uMoloi ubhubhudle imali yenhlangano ematshwaleni, wathenga nezinto zokugqoka zabesifazane.

Image

NGU-DORAH Mngwevu

Lezi zindaba kazehlanga kahle kwabathile, okuholele ekutheni babize lo mhlangano  obungoMsombuluko.
Omunye obeyingxenye yalo mhlangano, nguDorah Mngwevu.

Ekhuluma nabezindaba uDorah. uthe: "Kasilwi ne-ASA, sizolungisa izinto. Sibize lo mhlangano emuva kokuba ngizame amahlandla amaningi ukubhalela i-ASA mayelana nalezi zinkinga ebhekene nazo, kusuka ngoJanuary. Ngizamile nango-April, yangangiphendula.

"Kulezi zincwadi ngibhalele iSascoc noNgqongqoshe wezeMidlalo (uGayton McKenzie), akekho oke wangiphendula. Ngithole incwadi ephuma kubona ngeSonto ebusuku, bethi bazongimisa uma ngiqhubeka nalo mhlangano.  Bebeqala ukungiphendula. Ngicabanga ukuthi lolu daba kuzofanele lubikelwe iWorld Athletics (WA)," kusho yena.

* Kwenzeka lokhu nje, iCentral Gauteng Athletics (CGA) iphakamise ukungabuthembi ubuholi bale nhlangano eholwa nguSteven Khanyile.